Abakwa Nyaka (Nhaca ngesiPutukesi):
Ekumele sikuqaphele wukuthi izizwana kuyenzeka ukuthi ziye kwelinye izwe, uthole sezinezibongo ezihlukile ngokubhalwa kwazo kunakuba bezizobhalwa ngolwimi lwesiZulu. Loku kwenzeka kakhulu eMozambhikhi lapho kukhona o- Nuambose (Nyambose), Sitole (Sithole). Bese izindawo nazo zihluke ukubhalwa kwazo ngengo- Manjacaze (Mandlakazi), Gaza (Gasa), Catembe (KaTembe).
Kunjena nakwisibongo sakwaNyaka lapho esibhalwa “Nhaca” eMozambhikhi. Ozaziyo izithakazelo zikaNyaka, sicela azisho uma benazo. Kodwa siyabona ngoba noma sithi “nyakatho” siyakhomba ukuthi bangalaphi nezwe lakwaZulu. Nginezinsolo ukuthi bawoMphemba ngoba kwizithakazelo zoMphemba kuthiwa “Nyaka wumbe” kumbe bangamaDlamini ngokubheka izindawo ezinalesi sibongo. Yisona sodwa isibongo esaziwa kwaZulu esihlala esiqhingini.