Khulu
Mntungwa
Mbulazi omnyama
Nina bakaBheje eseNgome
Donda
Nina anadla umuntu nimyenga ngendaba ethi wawuyaphi konkosamlomo lapho izilo zakhona zidla zibheke phezulu
Nina bakaManqamane linye angamabili weza nalo khabonina
Nina bakaNjolonjolo ngoku gqolozela ilanga abanye bengaligqozeli
Nina enadla ezimfe ezimbili ikhambi laphuma lilinye
Lobengula kaMzilikazi, Mzilikazi kaMashobane Mntungwa Ngome Khulu kaBayeni
Nina bakaMaqhude ayeqana Ndaba !!
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
Slomo Gcinani Khulu
Ngibingelele bengicela ukuthola wenzenjani mawudinga ukushitsha okuthile ezithakazelweni zakwaKhulu
admin
mhlonishwa ungabhala khona lapho kuma-khomenti, ngizobe sengiyazishintsha ngendlela ofisa ngayo.