Nomose!
Thole!
Ndlandla kaKubheka!
Jiyane!
Malinga!
Wen’ owalinga izintaba zaganana,
Nhlun’ emhlophe, ingababomvu ngeyomlandakazi,
Mzilankatha!
Msenganduna namathokazi,
Nongalo
Wen’ ophika nelanga,
Didiza,
Msuthu wasenhla
Zibaya!
Wena wakwaMphahl’ emhlophe, ingabamnyama yeza nomlandakazi
Wena wakwaNkom’inkone
Zinja zafulathelan’ entabeni yakwaMagubane
Wena wakwaThole
Kungesil’ ithole lenkomo
Kodwa kuyithole lomuntu.

Umlando wabakwa Magubane:
Abantu kudala babesebenzisa amagama oyise babo ukuzibiza, ngalokho izibongo zazingekho. Umlando wabantu bakwaMagubane ukhomba indabuko yabo eFree State.

OMagubane bakholelwa wukuthi baphuma eNtabazwe, ngenxa yesomiso nendlala, behla behamba befuna indawo engcono ngenxa yemfuyo eningi ababenayo.
Bahamba baze bafika KwaZulu besuka eHarrismith. Kusukela lapho ukubizwa kwabo ngabesuthu basenhla.


More information is available on our YouTube channel


Do u wish to support our work with a small donation?

Please see details below
Capitec
Account no. 1190435479
Name: Bongani Khumalo
or use cell no. connected to Capitec: 061 868 5163

ABSA:
Account no. 4079821128 - Cheque acc
Name: Bongani Khumalo
Branch code: 632005

Kubongwa okuncane kubongwa okukhulu.
Siyabonga