Nomose!
Thole!
Ndlandla kaKubheka!
Jiyane!
Malinga!
Wen’ owalinga izintaba zaganana,
Nhlun’ emhlophe, ingababomvu ngeyomlandakazi,
Mzilankatha!
Msenganduna namathokazi,
Nongalo
Wen’ ophika nelanga,
Didiza,
Msuthu wasenhla
Zibaya!
Wena wakwaMphahl’ emhlophe, ingabamnyama yeza nomlandakazi
Wena wakwaNkom’inkone
Zinja zafulathelan’ entabeni yakwaMagubane
Wena wakwaThole
Kungesil’ ithole lenkomo
Kodwa kuyithole lomuntu.

Umlando wabakwa Magubane:
Abantu kudala babesebenzisa amagama oyise babo ukuzibiza, ngalokho izibongo zazingekho. Umlando wabantu bakwaMagubane ukhomba indabuko yabo eFree State.

OMagubane bakholelwa wukuthi baphuma eNtabazwe, ngenxa yesomiso nendlala, behla behamba befuna indawo engcono ngenxa yemfuyo eningi ababenayo.
Bahamba baze bafika KwaZulu besuka eHarrismith. Kusukela lapho ukubizwa kwabo ngabesuthu basenhla.

Popular people from Magubane last name

Peter Magubane (Media)
Legendary South African photojournalist who documented the anti-apartheid struggle. Worked for Drum magazine and became one of the most celebrated photographers in South African history. Received numerous awards including the Robert Capa Gold Medal.
Eric Magubane (Finance)
Group Chief Executive Officer of the Road Accident Fund (RAF). Chartered Accountant with extensive experience in financial management and public sector administration.