Izithakazelo zakwa Mbanjwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Mbanjwa zithi:

Sokhela,
Nyon’emyama eyabizwa ngekhwela yasabela yathi “tshiyo!”,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu,
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela !!

Abanye bazihaya kanje:

Mbanjwa,
Gebani,
Ntimela,
Mavuso,
Mpethuzegusha ziyanyakaze,
Mathumbamhlophe njengekhephu,
Maphekwa netye lavuthwa kuqala kunabo..mathajiyayo njengenqodi !!

πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

10 thoughts on “Izithakazelo zakwa Mbanjwa Clan Names Umlando”

  1. Nceba

    Mbanjwa, Songololo, Mabi, Ntimela, Nguta ka Sthole, uKheswa, Umphaki lo ongadl’udlel’omancishan kancane, uNthotho, uMwelase, ugqab’agqushe ithole elingavumi ukugqusha kwamanye amathole. Mashiyane, Gebane, into ezathi zakuyibona zithi nali idlakadlaka kodwa, ujika kwelanga zibuye ziyivume, uvasha kamcel’izbunu zentaka yimilenze.

    Mpethwane. Wena we Sokhela, Mpazela, nkanyez’enkulu ebonwa izwe lonke.

    Reply
  2. Mbanjwa ,
    Khathini,
    Sama,
    Ngonono,
    Sojobe,
    Ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane eziphapha phezulu,
    Omancisha kancane ngoba beswele izinkomo,
    Nina enaphekwa netshe kwavuthwa itshe kuqala Nina nagongobala.

    Reply
  3. Mbanjwa ngutathole,umvula-mvimbi,uqwaba nqushe,isishwashwube,ntotho,umwelase,isibhulo sendlovu,impundu ezmacocobela njengezomntwana,imvula eyana yabonwa ngezikhukhula

    Reply

Leave a Comment