Izithakazelo zakwa Mzobe π Mzobe clan names:
Mzobe,
Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe,
Hlekani ,
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi,
Malala,
Zembe libomvu,
Majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishane linqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
uthangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi uDumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono, sisengcono namanje !
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…..wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane….
sojoli,
qhudeni,
nina bakanomaphela,
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele,
umaqabul’intombi isal’imamatheka,
nina bakasonyangisa,
baka nongameyana,
baka nodlulayihlinzwa,
nina baka qgam njengamalangabi,
nina baka xoki, baka ndukembana
baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela
Njabulo Gift Mzobe
Ngibingelele, Who ever has knowledge about the history nemvelaphi yo Mzobe, please help out
Mnisi Mzobe
Is UMZOBE ihlubi or umzulu
Ngoba mnisi lihlubi
Udlangamandla lihlubi
Many more izithakazelo athi hlubi
Sithembiso Mzobe
Who are the son of Mzobe