πŸ’›

izithakazelo

Makhoba Clan Names & History

Izithakazelo zakwa-Makhoba:

Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

Previous

Manzini, Meaning, Origin & History

Next

Zungu, Meaning, Origin & History

7 Comments

  1. Yebo uZungu igazi lethu kodwa uMakhoba akuyona uZungu. dingo Joko thina oMthabela. UTHAMI uyibeke kahle

  2. Makhoba ,Gwabini,Hamashe,Manzoni,Geda,Ncwane ngaNkomo,Sengwayo,Zungu wena osineke njengNdlovu!

  3. Ngyabonga Joko,uPhile mfw2.

  4. Akubona oMakhoba laba. Uzithathephi lezithakazelo, Asiyena uZungu thina, Asiyena ugeda, Asiyena uManzini, Asiyena uNyamakayishi, futhi asiyena uGwabini/Gwabeni. oMakhoba, oJoko umhlale endlini abanye beshiswa ilanga kaMandana. uMgebisa kaJoko, igolo lezitha, iWaba elabamba ingonyama ngamanoni, elaciliza iLembe ngokuphuma emgodini wengonyama, ELikaGodloza lemiZaqa eyaphukela abangaphandle nebangaphakathi, oLume nkume. uMakhoba ke lowo, weWaba, elahambe hlathini kwaguqa izingonyama, KaNcwane.

    Nina bewaba elimnyama lako Godloza,nina baka Didiz'ulwandle,umagadl'eguqile njenge thole,umagwaz'udidi,Mgebisa qolo lezitha

    • Sabelo Zulu ozalwa u Majele

      Nami ngazi lezi ezishiwo u Thami ngoba singabo o Makhoba ngapha ngakithi e Mandeni

    • Bongani Phephu

      Nithi ke manje uZungu angaganela kwaMakhona kusho kungabi ndaba zalutho? Siyinto eyodwa kepha sohlukene ngezindlu.uPhephu lo eBizana eastern cape.siyisizukulwane sika Deyi thina.

  5. Mthabela
    Joko
    Zungu
    Nsele
    Nina beWaba elimnyama likaGodloza,
    Abalishaya ngemzaca yephukela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén