clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Makhoba Clan Names

Izithakazelo zakwa-Makhoba

Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

Previous

Makhaye

Next

Zungu

29 Comments

  1. Sibusiso Makhoba

    Bafwethu singaphikisana kushone ilanga inqiniso lingatholakala ngokuba kuvakashelwe amakhosi akwaMakhoba nokwaZungu asadl’anhlavana okunye ngeke sikunqiniseke, kodwa okumele sikwazi uMakhoba noZungu izingane zomuntu oyedwa ezazalwa zingamawele omdala uMakhoba umnewabo uZungu.

    • Mbuso Zungu

      Nami ngazi kanjalo Joko. Ngiwu Zungu. Kwakumele sibe abakwa Makhoba u Zungu angabikhona kodwa u Makhoba wavuma ukuthi u Ncwane mekhomba u Zungu njengenkosi ezolandela u Makhoba wavuma ngoba ewuthanda umndeni wakhe zadaleka kanjaloke izibongo ezimbili zomuntu oyedwa

    • Jabu Makhoba

      Nam ngazi kanjalo Sbusiso but engfisa ukukukhumbula ukuth babezalwa ubani bona. Pls contact me on my personal no. 071 077 4455 thank you.

  2. WISEMAN MAKHOBA

    UTHAMI MAKHOBA USHAYILE IMPELA UMGEBISA.. THINA SINGO MAKHOBA , OJOKO KAMADANA KANGUYANA. SINGABE WABA ELIMNYAMA LASEMDLADLENI , ABALISHAYA NGEMIZACA YEPHUKA , ABASEZITHENI NABASEKHAYA. OQHOLO LAZITHA. THINA SINGABESIHLAHLA ESI JAME KWENA AMAZOLO , AMAMBATHA ESABA UKUSEHLELA. THINA SINGOMTHABELA KAGODLOZA UMAGWAZEGUQILE NJENGETHOLE.

    • Zakhele Makhoba

      injalo bafowethu mina ngivuma no sbu asinyekeni ukuphikisana sibandawonye

  3. Themba Makhoba

    Ngiyabingelela ngicela ukubuza lapha kuzithakazelo zakwa Makhoba Uma zithi Wena owaphuma ngenoni emgodini kwakwenzenjani

  4. Umkhabela unephutha lapho

  5. Uyibeki mfwethu uZungu no Makhoba amawele izingane zomuntu, futhi baningi njengoba usho Manzini lana kuvela labo Ababa negalelo elikhulu futhi baphatha nobukhosi, mina nginguMakhoba lana eNquthu.

  6. Cela ukbuza makhoba nawo uhlukene njengo nkosi

  7. Yebo sihlobene noGwamanda

  8. Yebo Joko kunjalo nje

  9. Yebo Joko kunjalo nje

  10. Yebo sihlobene noGwamanda

  11. Hhay angizazi lezi,akusizona zakithi

  12. Hhay angizazi lezi,akusizona zakithi

  13. Izithakazelo zakwa Makhoba
    Nina baka Joko omuhle ehlez'ndlini athi angaphumela phandle ashiswe yilanga
    Nina enakhishwa ngenoni emgodini
    Nina baka nyama kayishi isha ngabaphephezeli
    Nina benkomo ikhala ihlahlelwa
    Nina bakamgwazi kaqhaqhi uqhaqhelwa zinyoni
    Nina bewaba likagodloza
    Nina eninozwelo njenge Ndlovu
    Nina basezi Ntuzini
    Nina bakaSengwayo ngilinde ngisalanda ezanini
    Nina baka mgebisa makhonda amadoda

    Umlando ngokuzalana kwaMakhoba
    Malandela 1650
    Gwabini 1682
    Nyamakayishi 1701
    Sengwayo 1719
    Mhlwehlwe 1737
    Ncwane 1755
    Makhoba no Zungu (amawele) 1791
    Joko
    Sengwayo
    Mgebisa
    Ndabayakhe
    Ntsele
    Mthabela
    Madubane
    Dangazela
    Godloza (Gwamanda)

    • Lateta

      ngiyaxolisa uvele ngingene nje kodwa kanjani uba uthi uGwabini uzalwa Ngumalandela ekubeni uMalandela wazala uZulu no Qwabe ku Nozidiya/Nozinja wakwa Zungu. mina ngicabanga ukuthi abakwa Zungu/Gwabini bese bekhona ngeskhathi sika Malandela ngokusho kwaba Bhali.

    • Sthembiso Makhoba omncane

      yizona khe lez nkabi zungu omuhle

    • Lsg

      Greetings i hope you could help me im looking for Mr Magaisa Johannes Makhoba.
      He was working at JHB CBD in some flats what where occupied by lawyers. He was working as a receptionist or secretary im not sure. In the years of 1978-1980. I believe.

      If you have any information please email me.

  14. Ngicela ukubuza bo Sengwayo, ngabe uMadubane yiso yini isthakazelo sakwaMakhoba?

  15. To Unknown: Cha akaze ngizwe ngoGwamanda emlandweni kwakwaMakhoba nakuba kungacaci ngokuzalana kwabo bebonkana ngoba siningi kakhulu isizukulwane sikaGwabini kuvela kakhulu labo abangamaqhawe isikhathi esiningi,kuzekucace uMHLEHLO ukuthi uzala uNCWANE be yena ezala Makhoba beno Zungu (Makhoba and Zungu were twins) nalapho kuvela 2 kuphela,surely bakhona abanye.

    Kusuka kuGWABINI>NYAMAKAYISHI>SENGWAYO>MHLEHLO>NCWANE>MAKHOBA and ZUNGU.isikhathi esiningi kubalwa ngokubkusa kwabo.

    MAKHOBA>MADANA>JOKO>MADUBANA,MANCENCE,MGEBISA,LUHIDANE.
    uNdabayakhe inkosana kaMgebisa.
    uKHOTHETSHENI inkosana ka Mancence kwazoba yena wazala uMBONGOLO yena wazala uZIKHALI besekuba uQEDICALA engezwa kuthiwayenake usaphila, uzinze Empangeni.

    • Snenkosi Makhoba

      Cha ngicela ukubuza lapha ngabe uMakhoba noManzini bayazalana, uma kunjalo bahlangana kanjani?

  16. Ngicela ukubuza Omakhoba bayizihloboni NoGwamanda

  17. Yebo uZungu igazi lethu kodwa uMakhoba akuyona uZungu. dingo Joko thina oMthabela. UTHAMI uyibeke kahle

  18. Makhoba ,Gwabini,Hamashe,Manzoni,Geda,Ncwane ngaNkomo,Sengwayo,Zungu wena osineke njengNdlovu!

  19. Ngyabonga Joko,uPhile mfw2.

  20. Akubona oMakhoba laba. Uzithathephi lezithakazelo, Asiyena uZungu thina, Asiyena ugeda, Asiyena uManzini, Asiyena uNyamakayishi, futhi asiyena uGwabini/Gwabeni. oMakhoba, oJoko umhlale endlini abanye beshiswa ilanga kaMandana. uMgebisa kaJoko, igolo lezitha, iWaba elabamba ingonyama ngamanoni, elaciliza iLembe ngokuphuma emgodini wengonyama, ELikaGodloza lemiZaqa eyaphukela abangaphandle nebangaphakathi, oLume nkume. uMakhoba ke lowo, weWaba, elahambe hlathini kwaguqa izingonyama, KaNcwane.

    Nina bewaba elimnyama lako Godloza,nina baka Didiz'ulwandle,umagadl'eguqile njenge thole,umagwaz'udidi,Mgebisa qolo lezitha

    • Sabelo Zulu ozalwa u Majele

      Nami ngazi lezi ezishiwo u Thami ngoba singabo o Makhoba ngapha ngakithi e Mandeni

  21. Mthabela
    Joko
    Zungu
    Nsele
    Nina beWaba elimnyama likaGodloza,
    Abalishaya ngemzaca yephukela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: