Izithakazelo zakwa-Mkhize
Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel’ etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
Nina bengwaz’ emabhudle,
Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin’ enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!
Unknown
The best surname ever Mkhize
Unknown
Samehere
Unknown
Mina ngiwu Jabulani Mkhize owakhe ENanda Glebe, ngikhulele eMlazi kwa F kodwake iPulazi likaBabomkhulu likhona eJohannesdale eNtimbankulu.
Unknown
Sengicishe ngiyakhohlwa:
Lo uNgunezi ozalwa uThulasizwe (uNdlov'yangena) ka Alois kwaNyokel'hlaza, kaluSwazi, kaMambane.
Uma ekhona oyaziyo lendlu, ngicela sithintane.
Unknown
Yebo, baningi nakubo oNgunezi abebengayazi le.
Ngike ngakhuza undodana ethi "angazike uma lamasi esekhanya nasebusweni" Ayikho leyo.
Kulinganiswa ngenkomo ukuthi noma ngabe ibisisiwe, eyakwa Mkhize iyazibonakalela.
Kodwake nalecontext ekhuluma ngomntwana singathi:
Njengezinkomo zakwaMkhize ezikhanya ngisho emasisweni, nabantwana bakhona awubafuniseli.
Nina baseMbo, ningangixwayi ngenxa yespelling.
Izifika namthwalo ezabhala kanje epasini lika babomkhulu, akusalungiseki.
Unknown
Sho
Unknown
Siyabonga ukuthi usilungiselele…siyithokozela into oyenzile
Unknown
Yes sakhanya emasisweni
Unknown
I carry this surname with pride
Unknown
Mina ngihlala eKapa ngaziwa ngoKhabazela. Abanye baze bathi Khabs.
Unknown
Ngyaythandake le yokukhanya emasisweni, bengingayaz Thanks
Unknown
siyabonga nathi sibaningi eMpumalanga Province phambili Makhabazela
Unknown
Good day
My name is Magdeline Makhuthudise from Tzaneen in limpopo,my father is Edward Rackson Mkhize from Empangeni not sure which side of the location bt he used to be a miner around the north west stelfontein we lost contacts with him wen he got retrenched around 1988-89,i humbly request any1 who have any information to pls help me locate him,ive also tried khumbule khaya but as you tjey have a huge number of letters n emails they recieve it might take time before they respond to my email.my number is 0783545265/0722102963
Unknown
Aww mara Mkhize the biggest surname in vernecular
Unknown
I am Thando mkhize
Unknown
SingoNgunezi impela okuhle ngathi ukuthi isibongo sethu ukuthi asingeni kwezinye izibongo sizimele nje phaqa!!
Unknown
Loving the Mkhize Pride…..boGubhela
Unknown
Nam ngzalwa khona bakwethu nakuba saphambaniselwa isibongo sethu ehome affair ngenxa yokngafundi komkhulu bethu kodwa amakhize onke ngyawathanda syigaz elilodwa sngabasembo sonke
Unknown
Yilapho ngizalwa khona lapho kamkhize.ngu-ngunezi umumbo omhlophe ngiyabathanda boke okhabazela.
Unknown
proudly embo
Unknown
is it true that abakwaMkhize are related to abakwaDlamini
Kool Gwaza Juse
Besicela izithakazelo zabakwaMkhize bakaMbangi kaMavovo… yilaba abaseMzinto, eJolivet, eKenterton (eMpunga number 2), naseXobho…
Unknown
Ngicela Kulungisa lapho kuth Nina enikhanya (AMASI ESISWINI) singo Gubhela oNgunezi laba aba KHANYA EMASISWENI(okusho kuth noma ikephi eyaSembo ingane iyazbonakalela nje ayifuniselwa) ileyo kuphela indawo bengthanda kuyilungisa ngoba baze basidelele bath sikhanya nodanone esiswin kant cha emasisweni, Dankie from :Mally S.R. Mkhize(eHlokozi) oka Danger Ndukwembi Mkhize
Unknown
Awu suka Madoda yaze yamnandi nto
Unknown
Hmmm ngezwa kuvuka using a madoda
Unknown
Aw kodwa jesoooo kukithi lapho
Unknown
wow am impressed bruu keep up the good work
Unknown
Well I knew ithakezelo zakhithi but not all of it.Thank you
Unknown
Thanks ntwana… I didnt know you into this.
Well Done.
From Sanele Mkhize @ Santa Cruz(Mzo's Friend)