Izithakazelo zakwa-Mkhize
Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel’ etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
Nina bengwaz’ emabhudle,
Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin’ enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!
Unknown
proudly embo
Unknown
is it true that abakwaMkhize are related to abakwaDlamini
Kool Gwaza Juse
Besicela izithakazelo zabakwaMkhize bakaMbangi kaMavovo… yilaba abaseMzinto, eJolivet, eKenterton (eMpunga number 2), naseXobho…
Unknown
Ngicela Kulungisa lapho kuth Nina enikhanya (AMASI ESISWINI) singo Gubhela oNgunezi laba aba KHANYA EMASISWENI(okusho kuth noma ikephi eyaSembo ingane iyazbonakalela nje ayifuniselwa) ileyo kuphela indawo bengthanda kuyilungisa ngoba baze basidelele bath sikhanya nodanone esiswin kant cha emasisweni, Dankie from :Mally S.R. Mkhize(eHlokozi) oka Danger Ndukwembi Mkhize
Unknown
Awu suka Madoda yaze yamnandi nto