Izithakazelo zakwa-Magwaza
Yengwayo!
Njomane kaMgabhi eyaduka iminyaka nyaka yaze yatholakala ngowesinti,
Wena wasemthini emide yaseLangeni!
Njinji !
Mabhulu,
Wen’okajika khothama,
Gidizela!
Wena waMantando,
Manqondo !
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén
Unknown
Cha Nsizwa noma Ntokazi uyaphambuka ungahamba uwuqede umhlaba ungaka nje. Usuka eNingizimu uya eNyakatho
IMpumalanga neNtshonalanga awukho uMlando onje wakithi asikho isithakazelo asithi Njomane noma Mhlongo mina ngingena ngiyaphika ngimile. Musa ukudukisa abantu bakithi uma ungenalo ulwazi ulunge uhlezi phansi Ngiyabonga
Unknown
Patrick Jabulani Magwaza zixovekile lezithakazelo
Unknown
Akuzo ezakithi lezi thakazelo
Unknown
nginguMagwaza and im very proud of that
Unknown
hhai bafwethu, akekutholakale abantu besibongo sakwa Magwaza bempela abanomlandu onothile ngeqiniso lendabuko yalesisibongo, njengoba kuyaziwa ukuth saphuma kwa Mhlongo, baphela ubuhlobo, kanjalo ke nezithakazelo namahubo abo imikhuba namasiko bazimela gelekeqe, ake sithole okuyikho ukuze ungaphazamiseki umlandu unomphelo.
Nokie555
mangiqale ngokukubonglela nge blog yakho, iyasiza kakhulu. Ngicela ungisize ngibheka izithakazelo zakwa Sigwaza. Ngiyazi ezinye zazo o Mabhida, o Sibanda. Kodwa ngibe sengigcina lapho.
Unknown
yengwayo ,njomane kamgabhi eyaduka iminyaka nyaka yaze yatholakala ngowesinti,wena wasemthini emide yase langeni ,Manqondo