Izithakazelo zakwa Lembede π Lembede Clan Names Izithakazelo zakwa Lembede Ndima, Bayeni, Sibhuzi esimqala! π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Lembede,Ndima,Bayenisibhuzi esimqala,qomisa ngitheleUngipheke encumbeninina bakasipholopholwaneukudla kwenukuhle kunje ngo bandla khulugida kahle gida mnewethu ngokudabuka sidabuka emachunwini (emsinga embangweni).izihlobo zami o-majola,mchunu (macingwane),umchunu wayenamadodana amathathu lawa alandelayo1.umacingwane(wayeyivila kodwa eyinkosana),2.umajola(wayenochuku efuna ubukhosi kumacingwane),3. ulembede(wayelime kakhulu): ukhokho wami umagqamuza egwele umajekeza kanina wayeyinkosi yase machunwini eyayivele ihlabe nje kungonakele lutho and ulembede uwukhokho wokhokho owabulawa ushaka emgwaza ngomkhonto esesuthi inyama yakhe eqeda ukubusiswa ulembede and ukumbulala kwakhe ushaka wenza sengathi uyagiya kanti ufuna ukumjuma ngoba wayemsaba kakhulu ingakho ke uzwa kuthiwa ushaka ilembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha ingoba wathi mayeqeda ukugwaza ulembede wase eyameqa kwabaleka abantu. Reply
Ngiyabonga Sisi, nami sengiwuthole kanjalo lomlando. ithuna lika Lemede lise Nkandla, Ethaleni (Esikhaleni Sebovu manje). Sakhula sililungisa sicenta ukhula. Reply
U Ndima ka Bayeni yena ungena kanjani kulomlando kaLembede?
Lembede,Ndima,Bayeni
sibhuzi esimqala,
qomisa ngithele
Ungipheke encumbeni
nina bakasipholopholwane
ukudla kwenu
kuhle kunje ngo bandla khulu
gida kahle gida mnewethu
ngokudabuka sidabuka emachunwini (emsinga embangweni).izihlobo zami o-majola,mchunu (macingwane),umchunu wayenamadodana amathathu lawa alandelayo
1.umacingwane(wayeyivila kodwa eyinkosana),
2.umajola(wayenochuku efuna ubukhosi kumacingwane),
3. ulembede(wayelime kakhulu): ukhokho wami umagqamuza egwele umajekeza kanina wayeyinkosi yase machunwini eyayivele ihlabe nje kungonakele lutho and ulembede uwukhokho wokhokho owabulawa ushaka emgwaza ngomkhonto esesuthi inyama yakhe eqeda ukubusiswa ulembede and ukumbulala kwakhe ushaka wenza sengathi uyagiya kanti ufuna ukumjuma ngoba wayemsaba kakhulu ingakho ke uzwa kuthiwa ushaka ilembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha ingoba wathi mayeqeda ukugwaza ulembede wase eyameqa kwabaleka abantu.
Ngiyabonga Sisi, nami sengiwuthole kanjalo lomlando. ithuna lika Lemede lise Nkandla, Ethaleni (Esikhaleni Sebovu manje). Sakhula sililungisa sicenta ukhula.