Izithakazelo zakwa Bhengu π Clan Praises
- Bhengu
- Ngcolosi!
- Wena wakwaDlabazane,KaNgwane,
- KaNephu kaLamula,
- Nyawo zigezwa ngamazolo,
- Nina enivuka nixubhe ngelala,
- Shongololo,
- Wathi uyalithinta lahwaqabala,
- Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze,
- Nyawo zeshongololo kaziphumuli,
- Sigampu,
- Ngwane, ingwani ngwadi,
- Abayibone ngesond’ukuthi iwelile,
- Jali,
- Nina enilala nomunwe,
- Nivuke nikhwif’ilanga,
- Mmemezi kaHlangabeza,
- Ngcolosi!
Prices:
t-shirt: R200
Hoodie:R400
Whatsapp/call: 061 868 5163
Whatsapp/call: 061 868 5163
Amanda
Ngicel ubuza ukth ukhanyile uhloben kanjn nobhengu
Mandla
Bobabili izingane zandonye. Yingakho bobabili bethakazela ngo-Ngwane
Unknown
Sanibona uCibane uhlobene yin no Bhengu?
Elihle Bhengu
Ithina o Ngcolosi Mepho
Prince Dr Meshack Lekhuleni
Likhuleni,Makalombya,Maceya,Macaya balance a Nuto
Phela boroko,Malala a eja
Waxa Mphulokwane,Maxaxo,Buleka(bunantswa)
Thuva mbovo
Mxolisi bhengu
Syazibongela Sama shongololo
Unknown
Ujali ungena kanjani
Unknown
Yithi ke labo Ngcolosi
Unknown
@Siyabonga Mviko, OBhengu insila yabo idabuka kubantu bakwaDlamini nabakwaLuthuli.UBhengu Dlamini wayeyindodana yenkosi yaseSwazini. Indodana kaBhengu kwakunguNgwabile Bhengu kwaya kuDlabazane. Indodana kaDlabazane kwakunguSihi owazala uSongololo. USongololo wazala uLamula yena wazala uNgwane owazala uMepho.
Ngiyathemba uphendulekile.
Unknown
Njengoba kuyaye kuthiwe abakwaBhengu bazalwa kwaDlamini, ngicela ukubuza bazalwa yimuphi uDlamini? uShongololo uzalwa nobani abafowabo? Yena uzale ma
phi amadodana?
Unknown
Mepho ithina labo
Unknown
????
Unknown
oShongololo
Unknown
Hau kubonga thina oNcolosi
Unknown
siyabonga ,@zihle
Unknown
siyabonga zihle
On The Move TV Show
ngizwa kuthiw obhengu bahlobene no nhleke ngabe kuyiqiniso yini lokhu,kanjani?
lastborn
Aibo Hlongwane noBhengu bahlobene????
Unknown
O Ngcolosi ngiyasithanda lesi bongo
ZINHLE
ZINHLE IZITHAKAZELO ZENU LIKE IT