Izithakazelo zakwa Lushaba Clan Praises

Izithakazelo zakwa Lushaba

Lushaba
Gumede kaNtanzi
Machol’ amabili anjengawenkosi
Mphalaza
Dlabh’ elidla lingasuli mlomo
nina bakoSmelane ngokumela amanye amadoda,
umkhonto uduma njengezulu,
mbuya yamila esangweni zangena ziyinyathela zaphuma ziyithekelela,
thina esibiyela ngamakhanda amadoda abanye bebe bebe bebiyela ngamahlahla,
nina bakosihhawu inkondlo bayvumile,
ivunywe abaphansi yavunywa abaphezulu,
omtheth wecala namhla kungenacala,
mpangela yamahumane,
MaSwazi amhlophe ngenhliziyo.
MaSwazi Amahle!!!

aww inkosi ayqedwa.
ziyashiwo nangeSiSwati

More about Lushaba

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

7 thoughts on “Izithakazelo zakwa Lushaba Clan Praises”

  1. Ndlovu and lushaba bayizihlobo

    Reply
    • Mangase ngishade umuntu wakwa ndlovu ngu lushaba

      Reply
  2. Lushaba is located in Port shepstone originally from Swaziland, Lushaba Owehla ngesilulu, ehamba nomhlambi wezinkomo ebheka amadlelo. Baziwa Ngo Lushaba, ka Deyi, okhayisa, u Khayisa ka Ngcobola, Umfazi akashawa ngenduku, ishawa ngombhono we sidabane
    , u Lushaba oka Ngondi. Inkosi ayiqedwa.

    Reply
    • Ngicela ukubuza ngabe uLushaba noNdlovu kuyahlangana yin?

      Reply
      • Nami ngiyafisa ukwazi njengoba ngizalwa kwaNdlovu nje.

Leave a Comment