clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Abakwa Mchunu 😍 Imvelaphi yakwa Mchunu Clan

AbakwaMchunu:

Ukuze kuthiwa bangabakwaMchunu nje kungoba bedatshulwa nguMchunu, indoda eyayiphila ngezikhathi zoMalandela, kodwa thina sibathathe kuMavovo owazala uNyanda.
Ukwelamana kwabakwaMchunu, UMavovo uzale uNyanda owazala uLubhoko (Dubandlela) ULubhoko wazala amadodana amaningi amanye wawo abalwawo uJama, uMajola, uDladlama, uNtube, uNontshinga, uNcasanga, uNgqulunga noGama wakwaMchunu.

uJama ufakwa ekuthakazelweni ebongwa Ngokuzala intsizwa uMacingwane (waseNgonyameni) eyaba neqaza elikhulu eMachunwini. uMacingwane wazala uNtsundu, uMfusi, uGandeduze, uNdabezimbi. uMqanyana, uPhezulu, uNyoni kanye NoPhakade,
uPhakade kuveza wayeyiqhathanzipho njengoba wayengagugi kwakuze kuguge izingane zakhe ngoba wayesaqine eqine okwebhungu wayeneqwaba yomakoti Nezingane, yingakho ekuthakazelweni abakwaMchunu.
UMfusi yena wazala uZimema owazala uMmeli OGabangaye noMbelembe kuthiwa bagugabedlula uyise. UPhakade uzale uGabangaye noMbelebele kanye nabanye. UGabangaye wazala uSilwane, uNgomane nabanye. uSilwane yena wazala uMzochithwayo, nabanye. UMzochithwayo yena wazala uSimakade, nabanye.

Abantu bakwaMchunu bangaMaNguni ngenxa yolimi abalukhulumayo Lokhu sikuthatha ekutheni imvelaphi yabantu balezi zibongo iseNingizimu yeNtilasifali Mpumalanga.
Enzalweni yamaNguni kukhona azibiza ngokuthi bangamaNguni angamaDebe. amaNguni angamalala kanye namaNguni angabaMbo, oNdlovu kanye nabanye. njengabantu oKhumalo, noQwabe nezinye izibongo abakwaZulu.

Kodwa lapho abakwaMchunu sibathola sebezinze khona ekufikeni kwabo lakwaZulu, kwakuphakathi kweThalaneni eNkandla kanye noMzinyathi. Kuthi omakhelwane babo ngaseMpumalanga kwakungaMabomvu kanye nabaseMbo, kanti ngaseNtshonalanga kwakungabaThembu.

Ukuqinisa ukuthi abantu baseMachunwini babakhelane nabaseMbo sizokhumbula ukuthi kwathi ngesinye isikhathi abantu baseMbo(abakwaMkhize) beneNkosi yabo uMavovo, naseMaChunwini babenoMavovo nakhona.

Kwaduka intombi yaseMabomvini eyayiyogana uMavovo waseMbo kodwa yahlangana noMavovo waseMachunwinini, waseyikhohlisa intombi wathi nguyena uMavovo kodwa uMakhelwane wakhe nguMavovana.
Okwathi esekuzwa lokhu omunye uMavovo, wahlomisa impi ukuba iyolanda lentombi Nangempela yalandwa, yalethwa kuMavovo wakwaMkhize.

Izintombi zaseMachunu azigani kwaMajola nakwaNdlela ngoba laba baphuma khona emaChunwini. Mcumane, Ndawonde ezinye izibongo ezibalwayo ukuthi ziyadlelana nabaseMachunwini kodwa kune Nkulumo mpikiswano ngalokho.

AbaseMachunwini bazalana nabakwaNdlela, Ndima Lembede. Kuhambe kwahamba abantu bakwaNdlela sebebuswa nguLembede baxabana nabakwaMchunu. KwaMchunu kwase kubusa uLubhoko.
Baze basuka bayokwa kwaNtabankulu ngaseMthonjeni weMfolozi emnyama, besuka eSikhaleni Sebomvu. Ngesikhathi abantu bakaLembede bebalekela uLubhoko
uLembede wasala esebulewe base babekisa ngesihlahla esithize ukuthi wangcwatshwa kuphi. Leso sihlahla kuze kube namuhla kuthiwa yisihlahla sikaLembede.

Ngesikhathi sokubusa kukaDingiswayo kwaMthethwa yilapho isizwe sakwaMchunu sagqama khona kuze kufike esikhathi sokubusa kweLembe (uShaka). Isizwe sakwaMchunu ngaleso sikhathi sabe sibuswa nguMacingwane. Umuzi kaMacingwane wawuphezulu kweThala echaza ukuthi uyiNkosi enkulu ngaphezu kwawo wonke amakhosi akhelane nawo.
uMacingwane wakha ihlalankosi aliqamba ngokuthi kuseNgonyameni, Ngakho wayezibiza nguBhubesi loqobo Lokhu yikho okwamfakela esikhulu isigcwagcwa kuDingiswayo kanye noShaka.

Phela ngaleso sikhathi uDingiswayo wayeqala umsebenzi wokuhlasela izizwe, ayezinqoba zaziba ngaphansi kombuso wakhe.Umuntu owawuqedelela lowo msebenzi nguShaka, ngoba uDingiswayo wayesekhotheme, yingakho phela kukhona isizwe samaZulu namuhla. Owaqala umsebenzi wokusakha kwa kunguDingiswayo kaJobe.

Kuthiwa uMacingwane wamhlupha kakhulu uMpongo kaZingelwayo wakwaNdlovu waze wabaleka wayozinikela kuZihlandlo wakwaMkhize owaze wamkhoselisa naye ethembe uShaka okwakungumhlobo wakhe omkhulu.

ekuhlaseleni kukaShaka bahlakazeka abantu bakwaMchunu abanye balishiya elendabuko yabo. Bahamba bayohlala oThukela, abanye abahamba bagcina bakha naseNtshonalanga kapa lapho uthola abantu bengoMacingwane.
ngoba ushaka wayeneNgalo elide eyayifinyelelele kwazuluNatal wonkana wenza imizamo yokufuna uMacingwane Kodwa wahluleka.

uMacingwane wahlala ezindaweni ezahlukene zesifundazwe sakwaZulu-natal ngokucashela uShaka. Kunokuvela izinkulumo mpikisano zokuthi kunokushiwo ukuthi uMacingwane wagcina Lapha esedliwa amazimzimu kanyei ukuthi uMacingwane washonela eSandlwane ehamba namangisi elwisa wona.
AmaChunu asinda ekuhlaselweni kaShaka aphindela kwelendabuko yabo sekubusa uPhakade eyobuyisa ubukhosi baseMachunwini. Njengoba sesa khothama isilo saseMgungundlovu uDingane kaSenzangakhona.

Sekubusa uMpande kaSenzangakhona owehlula uNdaba. wenqaba ukuhlobo uphakade nompande lapho izinto zazishubile kodwa ekugcineni kwaba noxlolo
Abantu bakwaMchunu sebeyisizwe esikhulu kakhulukazi eMsinga, nakwezinye izindawo zesifubazwe sakwaZulu-natal zikhona izinsalela laphaya eNkandla zaseMachunwini.
Mchunu, Majola,kladu, ngomane, Macingwane Wena wase Ngonyameni, Nyanda Yemkhonto Jama kaLubhoko, yeyesa kaMvumbi Phakade akagugi gugabafokazane, Wena kano Gida ngo Bambo Ezinye izintombi zigida ngomshayelo, Ndabezitha!

Previous

Izithakazelo zakwa Mpofu

Next

Ngcongo clan names

3 Comments

  1. Wohlo

    Lemdede no Ndlela bazalwa uNyandayemkhonto, esandlwana wayengasekho uMacingwana kanti uZimema uzalwa uPhakade emuzalela uMfusi entombini yakwaMkhize ngokwengeno, uGabangaye uzalwa uPhakade akekho ozalweni lukaZimema inkosi uJama izale uMacingwane endlini yangasenhla eqadini yazala uStshakuza kwathi ekhohlo yazala uSbonkolo kwenye indlu yazalabuNgqwengu

  2. Mabutho Mchunu

    Indaba yomlando wamachunu lobhalwe LA ngathi unokuphazama okuningi okungasilo iqiniso

    • Zondehleka Mchunu

      Ndabezitha awusicacisele thina esingazi lapho unokuphazama khona

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: