Abakwa Shezi Izibongo Umlando

Abakwa Shezi ama Chube badabuka eNkandla, nazi izibongo zabo:

  •  Shezi
  •  Dlaba
  •  Shukulas
  •  Mnoniya
  •  Dludle
  •  Mchube
  • Mlotshwa ka Lumbazo ka Zokufa
  • Sigananda ophum’ eNkandla !

Ama-Qamu kwa Majozi kuthiwa bahlobene nabakwa Shezi.

More about Abakwa Shezi

Educational videos


🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel

31 thoughts on “Abakwa Shezi Izibongo Umlando”

  1. Ngyathokoz corz bengizaz kancan izithakazelo zakith kwa Shezi

    Reply
  2. Abhalwa AmaShezi kwasengathi bekubhala izingane zibizelwa isibizelo!!! Bengisanda ukufunda ezakoMacingwane waseNgonyameni, O Jama kaSilwane, zibhalwe zalandwa kahle namaKhosi wabo ngokuzalwana kwawo kodwa thina maShezi, isibongo okuyisona sodwa vo esisukunyelwa uNdabezitha oqhoqhobele isizwe samaZulu iminyaka engaphezulu kwamashumi amane, uMdlokombane vuka udle amadoda, uNomthebe uZwelithini goodwill kaBhekuzulu, bhalwe sengathi kubalwa amazinyane izimbuzi esibayeni thizeni? Uma niqala lento enomqondo omuhle kangaka bese seniyilahla ngasesiphethweni sayo lapho senithatha ulwazi olungaphelele noma okungayilo, kuwukubulala isizwe nesizukulwane samanje nesizayo njengoba sesithembela kubo ubuchwepheshe lobu nezinkundla zokuxhumana ukuthola noma ukwabelana ngobuchule noma ubuhlakani. Ngineminyaka engamashumi amabili nesikhombisa ngazalelwa eSoweto esibhedlela sase Baragwanath ngonyaka ka 1987 ngakhulela eGoli impilo yami yonke kodwa IsiZulu ngisikhulumisa okomuntu okhululele emakhaya ngokuzimisela nje nenselelo engazinika yona siqu. Ngiyisizukulwane sasebukhosini samaShezi eNkandla eMaChubeni Ofeni isigosi, angikhumbuli kufika abenzo bezofunisela ngesizwe samaShezi. Ngiyacela ukuthi xhumanani namaShezi noma nobuKhosi baseMaChubeni ukuze nisilandise ngokuyikho.

    Reply
    • Muzomuhle

      Siyabadinga abantu abathi banolwazi onjengawe ukuthi balukhiphe lolulwazi lubhalwe phansi ukuze isizwe sifunde futhi singalahleki.
      Lapha sibhale esikunikwa ngabanikazi besibongo. Uma wena unolwazi oluthe xaxa cobelela abanye ungalugodli futhi ungagxeki kodwa usize ukwakha.
      Kulula kakhulu ukugxeka abazamayo wena ube intensity lutho ngikwazi onalo.

      Sesilindele ulwazi oluvela kuwe kodwa uma ungenalo uzithulele wena we Silo.

      Mondle ka Shandu.

      Reply
      • I’m puzzeled with these writings especialy when it count this surname of Mlotshwa,Khambule cause when I read my history it does not give out much detail on how they get to be related to Ncube,and if it is said “bankabanye nabasema Ncubeni that does not mean they are Ncube’s “now why is it said that all the above mentioned surname are “Mazilankatha” yes may have been staying with the ncube people who are mzilankatha but that does not mean they were also mzilankatha people.

      • Ubukhosi busuka ku Mchube kuyofika kuNomthebe Inkosi uBhekisabelo ophethe njengamanje, Inkosi yesi 15 ukusuka ku Mchube.
        1. UMchube wayenamadodana amane (4)
        a. Majozi
        b. Nala
        c. Mnomiya
        d. Shezi – Okunguyena owathatha ubukhosi emva kokukhothama kweNkosi uMchube ngezizathu ezihlukene.
        2.uShezi wazala u Mavulane owavula iNkandla ivaliwe.
        3. uMavulane wazala u Mlotshwa
        4. uMlotshwa wazala u Madonda
        5. uMadonda wazala u SoShukulase
        6. uSoshukulase wazala u Mvovo
        7. uMvovo wazala u
        a) Dlaba, ( owathatha ubukhosi)
        b) Msholoza no
        c) Somuncu
        8 uDlaba wazala uMvakela
        9.uMvakela wazala u
        a) Zokufa no (owathatha ubukhosi)
        b) Dulazana (owathuthela e Eastern Cape eyolwa nama Mpondo wafika wawanqoba wangabe esabuyela eNkandla wakha khona wase ezala u Jalamba)
        10.uZokufa wazala u Sgananda
        11. uSgananda wazala uNdabaningi lo owafela e St Helena esiqhingini
        12.uNdabaningi wazala u Mdedane
        13. uMdedane wazala uMphini
        14.uMphini wazala uVus’muzi
        15. uVus’muzi wazala u Bhekisabelo
        16. uBhekisabelo uyeke ophethe ubukhosi bamaChube.

        NB: Isizathu esenza kugqame uSgananda uyena owalwa izimpi eziningi ezibe nomlando ebukhosini BamaChube.

      • Hy unjani ngicela u sizo uMkhabela ungena kanjani nko Tshezi ubuye usebenziswe o Dlomo ngab bahlobena. Kusho ukuthi o Tshezi bahloben no Dlomo

    • I’m puzzeled with these writings especialy when it count this surname of Mlotshwa,Khambule cause when I read my history it does not give out much detail on how they get to be related to Ncube,and if it is said “bankabanye nabasema Ncubeni that does not mean they are Ncube’s “now why is it said that all the above mentioned surname are “Mazilankatha” yes may have been staying with the ncube people who are mzilankatha but that does not mean they were also mzilankatha people.

      Reply
      • Shezi’s are not Ncube’s bt Chube’s

      • Nami nginguShezi ngifuna ukwazi ngoNozinyoni Shezi

    • Nami ngingu Shezi bengingazi ngezithakazelo zakwaShezi

      Reply
    • Washaya Chube phela thina sinomlando, e Nkandla futhi yithi esakhela u Shaka umkhonto, Dlaba buzani bakwethu nathi sinama Khosi

      Reply
  3. I’m glad sengyazaz izithakazelo zakith kwa Shezi

    Reply

Leave a Comment