Abantu basemaQungebeni: Kuthiwa lababantu babehlala emigedeni ngase Ntabantuzuma kwaze kwaba nezinsolo zokuthi bangama Zimu kodwa  kwahamba kwahamba aphela lawo mahemuhemu emva kokubonakala kwemfuyo yabo eningi kanti futhi babenamasimu betshalile.

Lababantu bavelele kakhulu ngesikhathi inkosi uSenzangakhona Zulu ethatha isithole sakhona uMphikase. Yiso lesisithole esingunina wenkosi uDingane owasoconga umnewabo iLembe. U Mphikase wabe engunkosikazi wesithupha kaSenzangakhona.

Indawo yabo beyisuka eBabanango ize iyoma ngomfula uMzinyathi. Ngalesosikhathi babeholwa uXongo owalandelwa indodana yakhe uSihayo obuse ngesikhathi se Silo saso Ndini uCetshwayo.
U Sihayo uzale uMehlokazulu no Mkhumbikazulu. U Sihayo yena ukhothame ngesikhathi uZibhebhu ecoboshisa izikhulu zaso Ndini ngo 1883.

Izithakazelo zakwa Ngobese

Khaba, Xongo, Sihayo, Mehlokazulu, Mkhumbikazulu, Nonjini, Gudlumkhonto, Mdonswa, Mlambo,
Bantungwa abamnyama,
Mdlabela, Mthintisa, Gamandane, Phalane, Mzongela, Mbikwa, Malabela, Sothulisa !
Ntinde lase Ntuzuma,
Enadelumbuso nawunikwa abezizwe naqondukhlupheka,
Nina enakhishwa ngenoni emgedeni,
Bakwa nkonyane kazibukizulu,
Bakwa Nyathi ingalala ngecele kobe konakele,
Nina baka Nomashina ngoba eshanaze umuntu nge jozi!
Bakwa qhambule bethu uyaminya!
Mabhekana nempi yase Sandlwana,
Nina magqobhagqobhane yayikade ihlokolozwa.
Maqungebe Amahle !!!

Royalty from Ngobese last name

Prince Wandile Ngobese (Zulu Royal Descendant)
Great-grandson of Mehlokazulu kaSihayo, a famous Zulu warrior who fought in the 1879 Battle of Isandlwana under King Cetshwayo. In 2025, he was invited to Tanzania by King Mgendela Gama of the Ngoni tribe to teach Zulu culture to the youth of the Ngoni people, who are descendants of King Zwangendabaβ€”a general who fled KwaZulu-Natal during King Shaka’s rule. He performed at the Bulabo Cultural Festival in Mwanza Province, where Tanzania’s President Samia Suluhu Hassan was so impressed she requested a photo with him. He had previously been hosted by Ngoni royals in Zambia, continuing the cultural connection between Zulu descendants across Southern Africa.