AbakwaMbudu bangabeNguni.
Lesisibongo siyatholakala ezindaweni ezininganyana okubangelwa ukufuduka kwabantu ngesikhathi seMfecane.
Esingakusho nje ukuthi labantu babehlala ezintabeni zaseQhudeni eNkandla lapho uMzinyathi uthela khona oThukela.
Amakhosi aphambilini alababantu awasaziwa kahle, sekukhumbuleka nje kuphela lawo okungcina uTshoko noThekela, ngaphambikokuthi izwe labo lidliwe abamhlophe balinike abakwaNtuli.