AbakwaDalindyebo
ABathembu bakwaDalindyebo nabo baphuma kuNdilo umnawakhe kaMvelase. Bona-ke baphuma endlini encane nokuyindlu kaNtongakazi owalandelwa inkosi uBhomoyi owalandelwa inkosi uCedume owalandelwa inkosi uMnqunti owalandekwa inkosi uNtoyi owalandelwa inkosi uNxeko. UNxeko walandelwa inkosi uDlomo owanqoba umfowabo uHlanga empini yaseMsana kubangwa ubukhosi. Inkosi uDlomo yalandelwa inkosi uHala eyalandelwa inkosi uMadiba eyalandelwa inkosi uTato eyalandelwa inkosi uZondwa eyalandelwa inkosi uNdaba β. Inkosi eyayibusa ngonyaka odlule inkosi Buyelekhaya Dalindyebo. Aah! Zwelibanzi!
Leave a Reply