Izithakazelo zakwa Gatsheni

  • Gastheni,
  • Ndlovu,
  • Boya benyathi, obusonga busombuluka,
  • Mpongo kaZingelwayo,
  • Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
  • Zaze zeluswa intombi uDemazane,
  • Nina bakwaKhumbul’amagwala,
  • Nina bakwaDemazane Ntombazana,
  • Nina bakwaS’hlangu sihle,
  • Mthiyane,
  • Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
  • Nina bakwaMdubusi!