Kuthiwa kwakuwumnumzane owayengahlabi endaweni bonke behlaba, kwakuthi njalo makuhlatshiwe kuthiwe kuye “mkhipheni” ngoba engahlabi ehlale edla kweminye imizi kowakhe kungadliwa. Kuthiwa mhla enquma ukuhlaba wavele wagila ismanga wahlaba ukudlula wonke umuntu inyama yayithwalwa ngisho nangamabhala indlela eyayiningi ngakhona.
Kuthiwa kwakuyinkunzimalanga leyo eyayinemfuyo eningi nemali eningi yenza umsebenzi kuthiwa alukho uhlobo lesilwane eyayingasihlabanga kulowomcimbi kusukela ezinkukwini, izimbuzi, izimvu izinkomo njalonjalo, kuthiwa namanje akekho owaziyo ukuth inkomoΒ ezahlatshwa ngalolosuku zabangaphi indlela ezaziningi ngayo,izimenywa zazingabaleki kwabuswa abantu baze bayithwala inyama
Leave a Reply