Kwesinye isikhathi abantu banokufisa ukwazi imvelaphi yabo. Ake sibheke kafushane ukuthi abantu bakwaMsibi kahle-kahle baphumaphi. Umlando uyakuveza ukuthi Abantu bakwaMsibi kusengabantu bakwaKhumalo. AbakwaMsibi bazalwa nguSiwela Khumalo kaGasa Khumalo kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa kaMbulazi kaNdabezitha.

uGasa ongukhokho wethu thina bantu bakwaMsibi wazala uMagugu noSiwela kanye nabanye. uSiwela wazala uMloshwa ongukhokho wabantu bakwaNkosi oNdlangamandla wabuye wazala uKhuhlase owaye futhi aziwe ngelikaVongoye ozala abantu bakwaMsibi… ubukhosi bakwaMsibi bu-buya kwelikaNgwane kwaHlatsi kubusa abakwaKhumalo. obunye ubukhosi bakwaMsibi bu-buya oPhongola eNtumbane futhi basabizwa ngamaNtungwa kuleyondawo. Sibonge ukusiboleka indlebe. Uphinde ubuye futhi nangokuzayo.