clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yabantu bakwa-Ndlovu

Ukufika kwabantu bakwa Ndlovu, bafika ngesikhathi kusabusa iNkosi uShaka. Umlando usitshela ukuthi iNkosi uShaka yayihamba ihlasela izizwe ngezizwe azinqobe bese eyazihlanganisa zibe isizwe esisodwa. Umlando uthi-ke wehluleka ukuhlanganisa amaZulu nabeSuthu.ย 

Wayeshaywa into eyodwa njalo uma efika entabeni kwakunenkungu, wabe eseqoqa amabutho akhe wabanikeza umyalelo wokuthi uma ngase bathole noma oyedwa wabeSuthu abombamba bangambulali bese bemletha kuye khona ezoke bambuze ukuthi iphi inyanga yabeSuthu. Uma kwenzeka amabutho ethola inyanga uqobo lwayo ukhokhovula bangalinge bambulale, nangempela bamthola bandla umSuthu bathi ukumjezisa kancane waze wayoyikhomba inyanga yabeSuthu lapho yayicasha khona, bayithola emgedeni ihleli babuya nayo-ke lenyanga. Igama laloKhokhovula kwakunguTLOU phecelezi Ndlovu ngesiZulu, lo owayedidiyela amakhubalo anzima abeSuthu. Amabutho kaShaka ayengababoni nhlobo abeSuthu uma sebesokhalweni impi isiphisele, kodwa abeSuthu babebabona bavele bame phezulu entabeni bagingqe amatshe afe amabutho kaShaka.

Umlando uthi iNkosi uShaka wamthatha uNdlovu waya naye esigodlweni sakhe , wabe esethi akakhiphe lomuthi wenkungu, nempela wamnika uNdlovu umuthi wezinkungu.Kwahamba isikhathi uShaka wamuzamela intombi ngoba wayesefa uNdlovu umuzwangedwa, kuthiwa-ke wamnikeza intombi eyayisikhulile. Umlando uthi lentombi yayisikhulile ngethambo impela, futhi kukholakala ukuthi yayingakaze imthole umuntu wesilisa , kwakusoleka nokuthi ikhubazekile kancane. Intombi yahlala-ke noNdlovu yaze yakhulelwa bathola ingane yomfana.ahamba amabutho eseyobikela iNkosi uShaka ukuthi uNdlovu usethole ingane. Inkosi yafike yathi, โ€œ Ninamanga utholโ€™dala kukhona lapho lingakhipha khona?โ€ yamangala iNkosi ukuthi kukhona uthi olungaphuma la kulento esindala kanje. Igama lalengane kwagcinwa isiqanjwa ngayo igama elithi uTholโ€™dala.

Umlando uthi uTholโ€™dala wakhulela endaweni yase Malimede (Melmoth) ngaphansi kweNkosana yakwa Biyela, uMkhosana Biyela. Bakha lapho kuze kube imanje basatholakala abantu bakwa Ndlovu. Abanye oNdlovu bafudukela kwezinye izindawo zakwaZulu, abanye baze bafika bakha eThaleni eNkandla. Abafika eNkandla bafika sebeholwa iNkosi uMpongo kaZingelwayo. Kuthiwa isizwe sakwaNdlovu kwakuyisizwe sasingezwani nomsindo kanyye nezimpi. Bafika bakhelana ngokuthula nezinye izizwe ezazakhe khona eNkandla. abakwaNdlovu baqala bakhelana nesizwe sasemaChunwini khona eThaleni. Ngalenkathi uShaka eshakazisa izizwe ngenhloso yokubumba isizwe esisodwa , ngaleyonkathi uMpongo Kanye nabanye bakwaNdlovu babekhonza iLembe.

INkosi uMacingwane kaJama wasemaChunwini Kanye neNkosi uNgoza Mthembu benqaba ngoba bethi ngeke bakhonze umfana bona ngoba bawontanga benkosi uSenzangakhona uyise weNkosi uShaka. Ukukhonza kwabakwaNdlovu bekhonza iSilo uShaka kwabangela amazinyo abushelelezi esizweni samaChunu. iNkosi uMacingwane yayithi uma ihlangene nesizwe sayo isitshele ukuthi iNkosi uMpongo kaZingelwayo iyathakatha. Okuthe langalimbe iNkosi uMacingwane wakhipha inqina wathi maliyozingela ingwe, leyo ngwe ibanjwe ngamabutho eNkosi bese eyayibhila ngemithi enzima bese eyayithumela ingwe iyobulala iNkosi uMpongo eyamfica elele, kwaba ukuduka kwakhe uMpongo. Ukubulawa kweNkosi uMpongo kanje kwasithukuthelisa kakhulu iSilo uShaka besemzingela sifuna ukumbulala. Ngemuva kokubulawa kweNkosi uMpongo, isizwe sakwa Ndlovu safuduka sayokwakha ngasemfuleni iNsuze, ngaphansi kwentaba yaseQhudeni.kunendawo lapho esafike sakhelana nesizwe saseMbo. (Mkhize) uzalo lukaMavovo. Ngaleso sikhathi abaseMbo babeholwa uZihlandlo kaGcwabe Mkhize

Babehleli kahle, ukwakhelana kwabo kwakukuhle kakhulu, babelima, kusiselwana nangemfuyo. Lezizwe bezikhonzene kakhulu. Ukuzwana kwalezizwe kwathukuthelisa inkosi uDingane wabonakala eseyingozi kakhulu uZihlandlo kaGcwabe uMacingwana. uMacingwana wabe esehlasela isizwe saseMbo, sabe sesifuduka nabanye oNdlovu baya eNhlazuka (Richmond) eduze nomfula iLLovo. Isizwe sakwaNdlovu sase siholwa uNogwijela? Ngema? Kwathi ukufika eNhlazuka , uNogwijela waphinda wasuka waya kwaNogqaza, eMngeni (Howick). uMpongo ngenxa yamandla akhe, nobuchule, nobuhlakanipha, wabe ebizwa ngo โ€œMandleโ€™zizweโ€ bathi unguboya benyathi, buyasonga bube busombuluka.

Previous

Akasoze lyrics

Next

Mthimunye Praise

6 Comments

  1. Phendukani Ndlovu

    I love my searname

  2. Nonhlanhla Ndlovu

    Awu bakithi waze wamnandi umlando, siyabonga, Boya benyathi buyasonga buyasombuluka, Mpongo ka Zingelwayo.
    Kwaze kwamnandi ukwazi singobani

  3. Muziwenkosi Ndlovu

    Ngiyabonga bompongo ukuthila ukwazi olujule kangaka. Kungabe isbongo umaseko sihlobana kanjani .ithakazelo zethu ziyafana

  4. Ayi hlowu lutho anagama esizulu lawo abakwa Zulu nabo abesuthu kuyashisa kwa zulu Babe ngaqoki labantu ingakho babe thanda ngalaphaya babalekela impiqa bonke baphuma embizeni eyodwa No Xhosa inja ka Shaka Nampa abesuthu KwaZulu-Natal bezimpimpi zamangisi bakithi sorry

  5. Senamiso

    Ngcel ukubuza ukuthi umndeni wakwa Ndlovu uhlobene yini nomndeni wakwa Malinga

  6. Ndicela ukubuza koNdlovu ukuba uCandlovu bayamazi Na,ndibuza Kuba umama nguCandlovu uMbayi Tiba Vatsha Mathwentwe Nonduku zaphukel’emazibukweni.Kuthiwa nanye noNdlovu kodwa izithakazelo azidibani.Plaese help

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: