clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

Inzima Lendlela [incwadi]

Isizinda

Ngesizinda kushiwo indawo, inkathi nesimo senhlalo (okwenzekayo endabeni) emdlalweni. Mayelana nendawo kuqondwe ukuthi eyasemakhaya noma eyasedolobheni yini, ngenkathi kuqondwe ukuthi inkathi yakudala eyoguquko noma eyanamuhla yini.

Indawo.

Le ndaba yenzeka endaweni yasemadolobheni eMgungundlovu, uQhilika ubaba kaMqapheli ubenamabhizinisi, isitolo. Amathuna azofihlwa kuwo iMountain rise Uthole nethenda yokwakha inkundla yezemidlalo. uMagqubu une(Mall) inxanxathela yezitolo. uAyanda ufunda esikoleni esixube izinhlanga. Kubuye kungene nendawo yasemakhaya, uMqapheli ibhokisana wahamba wayoliphosa esiweni. Kungena nendawo yakwamhlaba uyalingana lapho uNhliziyombi ayenza khona imigilingwane yokuthwala.

Inkathi

Lo mdlalo wenzeka enkathini yamanje. Abantu abamnyama banenxanxathela yezitolo. Kuhanjwa ngezimoto zikanokusho. Abantu bathola amathenda okwakha izinto ezinkulu. Izingane zifunda ezikoleni ezixube izinhlanga. Abantu banamabhizinisi nakwamanye amazwe, njengoba uQhilika wasenebhizinisi naseKhenya. Abantu bayathwala. Babulala abantu babacuye izitho zomzimba ezithize. Kunosonhlalakahle lapho uMqapheli athola khona uLindelani.

Isimo senhlalo

β€’ Isimo senhlalo asisihle, indaba iqala kushone uQhilika ubaba kaMqapheli,

ukushona ngokuzuma kukababa wakhe kumfaka enkingeni yokuthi sekunguye osekufanele aqhube umsebenzi kayise abekade engawunakile, ezitetemukela ngezimoto kuphela, manje akazi ukuthi uzoqalaphi abhekephi.

β€’ Kusenjalo usethola ukuthi kanti ubaba wakhe ebethwele, ngakho naye uma efuna ukusimamisa leli bhizinisi kumele aqhubeke nokuthwala. Lokhu kumphatha kabi ngoba kuphambana nentando yakhe, kodwa akafuni ukuthi umcebo ushabalale ngoba uzobonakala njengesehluleki.

β€’ Isimo siyashuba uma sekuthiwa akabulale indodana yakhe okungukuphela kwayo. Uzama konke okusemandleni ukuthi ayivikele kodwa yonke igcina ihluleka.

Isakhiwo nokuvezwa kwabalingiswa

Previous

Mathe clan names

Next

Lobola Process

2 Comments

  1. Ntando wat is novel

  2. Ntando

    Please May l have Isingeniso

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: