Isizwe akwa myeki lesi sitholakala kwampukunyoni (MTUBATUBA) bazibiza ngo Gumede kodwa abasibo nhlobo oQwabe

Abayeki bangabokudabuka khona kwaMpukunyoni baphuma Kwa Myeni okushuthi inkosi yabo singasho sithi uMyeni esenyakatho nelika Zulu ezintabeni zoBombo, isbongo sabo saqhamuka ngesikhathi kufika abaKhwanazi KwaMpukunyoni babe sebethi abakwa Myeni bona ngeke baphathwe nhlobo ithonga emva kokuthi umkhwanazi esenikwe izwe.

Babe sebephambana nabo balibangisa enyakatho behlukana phakathi basala laba kwathiwa abayeki ngoba bayeke ubukhosi bayeke inkosi yabo.

Indlunkulu yabayeki/myeki ibizwa ngokuth kwaFuzunina okuyilapho kuzalwe khona amaqhawe okuthiwa abeyingxenye yempi, impi yasezinkunini. Usomshwaqu owagcina efele laphaya ezintabeni zasemachibini esekwaluseni ebulawa ibutho lika zibhebhu kamaphitha ngesikhathi lihamba lidla izinkomo.

Bese kube nendlu yakwa Dliwazimpisi elaphaya esigodini esiyembeni iphuma kwaFuzunina, kuphinde kube nendlu yasemapheleni osekuyigama lesgodi bese eyokugcina ibe eDubelenkunzi phezu komfuladlana inkolokotho.

Izithakazelo zakwa Myeki:

Njojo kamhlanga oyaya izingwe nezingonyama.
Mavundla kasiweya oweya ngamazibuko abanye beweyangomthantatho.
Ncwincwi ephuza kwezinde uzoba ithi ingaphuza kwezimfusha igquyeke umyomo.
Nyoni ebuya ngamahlahla
msunu unenkwantshu
Zitha kamphandaba
β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”β€”
Njojo
Ncwincwi
Mavundla kasiweya
Nyoni
Thabekhulu
Umsunu onenkwantshu
Zitha kamphandaba