Izinkondlo: Luphi? 

Wavuma ngezwi lakho wathi uzongithanda ngoba ngithi ngiyakuthanda,
Wathi sothandana ngaphandle kokuhle nobubi,
Wathi uzongengama noma ngisebubini,
Nalapho umhlaba ubhubha wathi uzoba nami,
Nasezivunguvungwini lapho umhlaba uvunguza wathi uzohlala nami,
Wathi uzoba uthi lokuvungul’ izinkinga zami,
Nami ngadideka ngakwethemba,
Ngasho ngawa nami kweyakh’ intende yesandla,
Nganginethemba ngithembile ngithenjisiwe kanti ngifumbathisiwe,
Kanti ngishayw’ ngemf’ iphindiwe.

Sengikhalela lomuzwa olapha ngaphakathi kweNhliziyo yami,
Owawenza wakuthanda,
Owawenza ukuth ukuthathe ukuthembe,
Owawukhohlisa ngamanga obuqili bakho,
Owawuthatha wawothisa umlilo wamaphepha,
Wawunikez’ uthando lwakho olungumaphelel’ endleleni,
Manje sengisele ngedwa ngidukile,
Ngihamba ngiyadunguza ezindleleni zobubi bakho,
Ngiyadukuza ematshotshombeni,
THANDO wawulapha kanti ukuphi?
Ngihamba ngiyalambatha ngiyamemeza,
Ukuphi nah?

Uma lusekhona ngicela ungikhothise lona ngibheme ngikholwe,
Ngishisele lona ngikhohlwe izinkinga zomjolo,
Uma lusekhona ake ungikhombise lona ngilubone ngamehlo,
Ze bethi ontanga sebechoma ngomasihlekisana babo,
Nami ngikukhombe ngelikhulu ithemba,
Ngaphandle kokushiswa amahloni,
Ngibonise uTHANDO lwakho.
Luph’ uthando lwakho

Ngabe amehlo ami asebuthuntu ukuze alubone?
Ngabe lubanzi lujulile ukuze kube olwami?
Okanye luyasinda angisoze ngalikhona?
Uthi lukhona lona na?
Ngize ngizibuze ngiziphale ulimi ngingesithutha?
Sengingaze ngizishaye ngendlebe etsheni?
Ngingempumputhe ngibona ngawo womabili,
Angith sasibabili siyixoxa lendaba,
Tshela mina ke sithandwa sami

Kanti luphi uthando lwakho na?