Izinkondlo: Ngizokulinda ubuye

Ngifona ngisemafonini ezitolo lapha engangivame ukukufonela khona uma ngisuka eskoleni,
Ngifona ngeshumi lami lokugcina,
Benginethemba lokuthi uzotholakala,
Kepha ngenxa yezizathu zomhlaba awukho emoyeni,
Phela kimi awukasuki emqondweni,
Nasemazweni lapha okhona ngiyethemba awukhohliwe imina,
Sekuhambe izinsuku ngingakuboni,
Kuphele iminyaka manje ungaveli,
Kepha ngizokulinda ubuye,

Ngimile ngedwa ekhoneni lapha esasibloma khona,
Ngiphethe lesiya sithombe esasisishuthe khona,
Ngiyabona sasibahle lapha sifanelene,
Nawe wawumomotheka kuze kwavela nezifaca,
Azange ngacabange ukuth ngelinye ilanga ngizoke ngime ngedwa lapha,

Impilo ikuthathe eduze kwami yayokubeka ekudeni,
Imfundo ikususe phambi kwamehlo ami yayokubeka le edolobheni,
Ukude manje usemazweni angikwazi ukufika lapho,
Usekugudleni kolwandle manje ugezwa amagagazi,
Mina ngisele sengiphenduke ujika nelanga,
Uhambile ukude nami,
Ngizokulinda uze ubuye,

Noma ngabe uzobuya eminyakeni eyishumi ezayo,
Uze ufike ungibone,
Uma kwenzeka usufica sengaba mathambo amhlophe,
Uze ufike ucele ekhaya bekuphosise itshe,
Ngizokulinda ngifile nomphefumulo ngaphandle kweliba lami,
Ngizokulinda ngiphila nezinyembezi emehlweni ami,
Uzoze ubuyo uzongikhulula emihleni yami,
Ngikulinda uze ubuye,

Ngisho ngabe usemajukujukwini omhlaba,
Usuhambe izwe wabona izicukuthwane zomhlaba,
Wabona ubuhle bezwe okungaphezulu kothando lwami,
Mina ngiyofana netshe ngizohlala lapha owangishiya khona,
Uzoze ubuye ngiguqile ngedolo,
Ngizokulinda uze ubuye ekhaya.

USenzokhaya Umhayi

Popular people from Linda last name

Linda Mabhena-Olagunju (Legal/Energy/Finance)
South African renewable energy investor and lawyer. Founder of DLO Energy Resources. As a young lawyer in Scotland, she successfully opposed Donald Trump in court over a wind farm dispute. Recognized on Oprah Winfrey’s Power List of 20 most powerful women in Africa. Backed an ed-tech startup training South Africans for green energy jobs. [citation:4]
Linda Sheehan (Legal/Technology)
Head of intelligENS at ENSafrica. Former solicitor of England and Wales, one of the first to be awarded AI Visionary in EMEA in 2024, and the first in Africa to be awarded Relativity Master. Specializes in data-driven dispute resolution, regulatory investigations, and legal technology. [citation:2][citation:3]