clan names šŸ’™ clan history šŸ’Æ

izithakazelo

Izinkondlo zothando: Ngalahlekelwa

Ngalahlekelwa

Intokazi Enhle
Enhle njengendoni yamanzi
Esho ngamehlo amhlophe
Kuhle kwamalande

Mina ngalahlekelwa
Usuka-sambe wentombi ekhuluma ngezwi elimtoti

Mangicabanga ngaye
Kuvele zehle izinyembezi emehlwen ami

Dear mehlo ambonayo
Zee umtshele
Ukuthi mina ngaye
Ngyazifela

Nasempilweni ngingafela
Eyakhe injabulo
Phela ngaye ngyazifela

Futhi ngingamfela
Ngalahlekelwa
Imbongikazi
Ngisho umuntu
Ozoba umama abe ubaba
Ezinganeni zami
Nxa ngingasekho emhlabeni…..

Yazi ngyasola ngaloluthando
Ngiloyiwe kodwa-ke nguyena ozongilapha
Ngothando lwakhe
ngizoba umqemane
Ngaye ngizoba yikho konkee…

Ngalahlekelwa

***Imbongi yakomahlobo

Previous

English Zulu translation šŸ˜ Basic words [SOLVED]

Next

Izinkondlo zothando: Olwami uthando

4 Comments

  1. imnandi ijulile

  2. imnandi ijulile

  3. Ya ne iyona

  4. mmmmh yazwakala kahle kodwa mina angikwazi ukuyifunda ngabe kuncono ukube umuntu uyakwazi ukuthi ayiqhophe ngezwi mase eyayifaka lapha kanye nayo lena ebhaliwe ngingacela noAdmin asi zamele ukuthi kungenzaka yini kannjalo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: