Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izinkondlo Zothando: Nomalwandle

Sekungaze kufe umuntu,
Abulawa nguthando olungaboni
Ngathanda wena nomalwandle ngoba ngiz’misele ngawe,
Akekho wang’qhuba ngenkani,

Ngangik’thanda kodwa wena wakhetha ukwephula inhliziyo yam,
Ngangiz’tshela ukuthi uyang’thanda kanti uyang’maketha,
Nam ngase ngizitshelile ukuthi abalwa nawe nam ng’yokulwela,
Uyakhumbula ung’khalela
Ungtshela ukuthi abantu bathi kukhona omunye eng’naye oseceleni,
Ngak’buza ukuthi ukholwa ngabantu?,
Ngendlela engangik’thanda kodwa wangphoxo,
Hamba juba bayokuchutha phambili,

Wawungemuhle kwunguphuma langa sikothe kodwa manje sekungushona langa zigibele emthini izinkukhu,
Ngangiz’misele ngok’thumela omaluke kodwa ngesimo sokuthi ngang’phila nomndeni ophofu,
Nawe wang’thembisa ukuthi wena awuthandi imali uthanda mina,
Seng’yabona ukuthi kanti waw’ng’makethe,
Ukuze uma kfika abadla izambane likampondo uzongdayisa,
Sasingamathe nolimi,
Kodwa manje uma ngik’bona avele amathe abuyele kwasfuba,