clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Iziphicaphicwano

Iziphicaphicwano Nezimpendulo Zazo

Ngikuphicaphica ngomama umile izingane ziyadansa:
Impendulo: Isihlahla namagatsha aso. Umama odansayo isihlahla simi ngesiqu saso bese amagatsha ayanyakaza kufanekiswa nokudansa ngoba epheshulwa ngumoya, wona azingane zesihlahla.

Ngikuphicaphica ngomntinini uyangena kumntonono kodwa umntonono akangeni kumntinini.
Impendulo: Isitsha esikhulu nesincane, incazelo ithi, umntinini uyisitsha esincane siyakwazi ukungena kwesikhulu kodwa umntonono isitsha esikhulu asingeni kwesincane.

Ngikuphicaphica ngenkomo yami ebomvu ehlala esibayeni esimhlophe.
Impendulo: Inkomo ebomvu ulimi bese kuthi isibaya esimhlophe amazinyo.

Ngikuphicaphica ngomagxuma azibambele.
Impendulo: Iphalishi, uma liphekwa ibhodwe livuliwe, lilokhu ligxuma bese likushisa.

Ngikuphicaphica ngenyoka yami ehamba kuze kuse.
Impendulo: Umfula ogelezayo, ofanekiswa nenyoka, awumi uhamba imini nobusuku.

Ngikuphicaphica ngedede elingahlalwa mpukane
Impendulo: Umlilo, uyashisa ayikho into engasondela khona noma ihlale emlilweni

Ngikuphicaphica ngento yami ethi hamba ngizokugadela
Impendulo: Ingindi noma ukhiye, uma uhamba ekhaya ufaka ingidi emnyango noma ukhiye

Ngikuphicaphica ngomakoti okuthi uma esezongena emzini akikize.
Impendulo: Isitimela, uma isitimela sesingena esiteshini sibanga umsindo

Ngikiphicaphica ngento yami ehamba imini nobusuku
Impendulo: Amanzi ageleza emfuleni

Ngikuphicaphica ngomakoti ogiya agiye ajike esangweni abuyele endlini ahlale ngemuva kwesicabha
Impendulo: Umshanelo, uma ushanela, uyashanela endlini negceke lonke uze ufike esangweni kuthi uma usuqedile uwubeke ngemuva kwesicabha

Ngikuphicaphica ngomama uyasuza izingane ziyabaleka
Impendulo: Isibhamu, ukuqhuma kwesibhamu abantu babaleke kakhulu

Previous

UKUGEQA AMAGULA

Next

Imbila yeswela umsila ngokulayezela

1 Comment

  1. Ngiyabonga kakhul

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: