Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izisho ezintsha 

Zikhona nezisho ezintsha ezisungulwe ngesikhathi sezinto zabelungu. Okusho ukuthi izisho zesimanje ezaziwa yintsha.

Uma umuntu ezwa umZulu omusha ethi: โ€—Ngasala ngiphemile.โ€˜ UmZulu omusha yena usuke esazi ukuthi lowo osalile usale ezimisele. Kanti abangaphambilana kwalaba bantu abasha bona babethi:
Ngisale ngiflashile.โ€˜ Nakho lokho kunencazelo efana nengenhla. Esinye isisho esisha sithi: โ€—Uzosala phansi okwamabheshu kubhulukwa.โ€˜ Okusho ukuthi wena oqhuba ngenqubo endala uzosala phansi ngoba itshe seligaya ngomunye umhlathi manje.

Omunye angathi: โ€—Wabuza ibhasi libhaliwe.โ€˜ Okungukuthi wabuza ubona. Kokunye uzwa umuntu omusha ebiza omunye ethi: โ€—Swidi lami lomkhuhlane,โ€˜ eqonde ukuthi uyisithandwa sakhe lowo akhuluma ngaye. Nazo izisho njengazo izaga ziyinkulumo ecashile engeze yaqondwa kahle abantu abankashela ulimi bengazange baluncela ebeleni.

Abantu abaluncela ebeleni bangakhuluma ukhona bakweqisele ungezwa uma wena ulufundile kodwa ungaluncelanga ulimi. Uma umZulu ethi: โ€—Ubengathukuthele ubegane unwabu,โ€˜ okusho ukuthi lowo muntu ubethukuthele kakhulu. Uma umZulu ethi: โ€—Lowo ukhala esikaNandi.โ€˜ Lesi sisho esisha esavela ngemuva kokukhothama kweNdlovukazi uNandi unina weLembe.

Umlando uthi ngemuva kokukhothama kukanina iNkosi uShaka yadabuka kakhulu yakhala kwaze kwaphenduka unyaka kuziliwe kungalinywa, amankonyane ezincelela konina kungasengwa. Abantu baqala bafa ngenxa yendlala, befa belandela amathimba ezintombi andlalela iNdlovukazi. Kwakhalwa ungokhala KwaZulu.

Uma abantu behlangana neZulu eliphezulu babeqhola amehlo abo ngogwayi ukuze amehlo akhale kube sengathi bayakhala. 177 Kwaze kwasuka uGala kaNodade wakwaBiyela ezinkalweni zaseMbongolwane, wasuka wazidela amathambo waqonda ngqo kulo iZulu eliphezulu. Umlando uthi kwezwakala ngaye lo mfo waseSiweni Samanqe eseyibonga iNkosi.

Kwathi ukuba ayibone iNkosi, wayisola kakhulu ngalesi sililo sikanina esiphoqela kubantu. Wayebuza ukuthi njengoba abantu befa nje, uzobusa bani ngomuso. INkosi yabonga, yamxoshisa ngezinkomo. Sanqamuka-ke isililo, kwaqala yayekwa inzilo.

Uma-ke umZulu ethi: Ukhala esikaNandi kanti awuyena umZulu futhi awuwazi umlando, angeke uqonde ukuthi kukhulunywa ngani. Yingakho-ke kuthiwa izisho nezaga ziqukethe umlando.