NJOKO/NJOKWE: Nqamane kaNsele, kaLindamkhonto, Magujwa, Phangisa, abakaSibhadulemvuleni, kaBhoqo owadliwa ngendlala, abathunyiselwa ngonwali, badlumlenze badela isidumbu, AbeNtungwa abehla ngesilulu behamba nabakaKhumalo bevela eCentral Afrika, ababiza indlovu ngokuthi yiNjoko/u. UNjoko yibizo lendodana kaNsele eyabiza inzalo yayo ngegama layo yathi eyakaNjoko. Yazala indodana yayiqamba ngokuthi nguNqamane kaNsele.