Izithakazelo zakwa-Blose

Ndelu,
Madiba,
Dimba, Duma,
Mseleku,
Phonsel ‘obusuMajonjobela oThunga ligcwala lingethiwanga ligcwala ukuhlakanipha,
Bohlela,
Noncengwa,
Wena owancengwa izintombi zathi,”sicela usishade Blose”,
Chobile,
Wena owachoba izintwala zenkosazana,
Shinga,
Akushinganga mina kwashinga isibongo!