Nala
Gwija
Hamashe
Mhlophe, mhlophe qwa ongapediwe
Nongalo onengalo ende eyondla nezizwe
Ntofontofo, into engenamatambo
Zanqika
Goduka bedelile
Nobhadeka ngomlenzana ezikho
Nzukela
Nojeleza
wena omuhle ngezansi kwenkaba
wena wogobhu olushaya amakhwela ezintabeni
wena Makhany’ehlungweni kuhlwile
wena omnyama ngokwebala, kodwa oMhlophe ngenhliziyo
wena S’bhekuza owabhekuza enkudleni kwakhala abafazi
Mbal’omuhle owabonakala enkomeni owabonakala wahawukelwa
Thole’lihle eliMhlophe
Mnyuzi onamandla okhathala ngedina kuphela
Mntuselele !!