meaning of names 💛 clan names 💯 history

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Mnomiya Clan Names

Ginininda,
Ngwadi,
S’danane esidina uMajola ngokugijima !

Previous

Thola izikibha ezinezibongo zakho

Next

I need Tsela Mambane praise

3 Comments

  1. Thulani Mnomiya, kaZungeza, kaSibongo, kaNdluzele.

    Ake silungise lapha! OMnomiya yize behlobene noShezi kodwa abathakazelani ngokufanayo noShezi. Lento ifana nokuthi umfowethu owakithi, kodwa mina angisiyena umfowethu, naye akamina. OMnomiya, ikakhulukazi laba baseNkandla noma abasuka eNkandla, oGininda, Mehl’ayizitha, Ngwadi, Dinane ngokudina abasekhakonina kwaMajola, Jolikazi. Laba abakhe koMzimkhulu namaphethelo bona bathakazelana bafake uMandlana noMthobela. Ngingeqinise ngokuthakazelana kwalaba baseMzimkhulu ngoba abazali bami bakhe Obuka besuka eNkandla. Idida izizukulwane lento ka “cut and paste” engacutshungangwa. Ifenyisa lenkundla engicabanga ukuthi ibalulekile. Sicela niyilungise lento niqagule umthombo okutholakele kuwo le information.

    • Gininda Ngwadi Mnomiya siyabonga ngenkulumo yakho mina ekhaya kuse Nkandla sisuka phansi eDlabe la engazalelwa khona manje sakhuphukela eMashushu ngaphansi kweNkosi yasemaChubeni….

      Thina siyinzalo kaMoya-Moya noGatiGati kaMatshana….

    • Sibongiseni Wiseman Mnomiya

      Ngiyathokoza kakhulu Gininda, kunjalo impela sihlobene kakhulu nabakwaShezi kepha ke izithakazelo zethu azifani ncamu. Ezithakazelweni zakwaMnomiya thina sibiza uMnomiya, uGininda, Mehlazitha, nina bakaSembathamkhonto onjengobhedu.
      Mina ke ngingumzukulu kaMuntongathandwa, ozalwa nguMuthi yena ezalwa nguMhlazane. UMhlazane ke kuthiwa nguye owafike wakha eMsinga Emachijane, wazala izinsizwa ke zabaningi zasabalala, kulezo zinsizwa zakhe kubalwa uMuthi kanye noMsuthu.
      Thina ngokwakha sisOlundi eMahlabathini, okhokho bethu babesuka eMsinga kwaMajozi, Emachijane isgodi kanti baqale bathi ukugoba amadlangala eMpompolwane khona Emsinga kanduba beye Ondini. Sengiye ngahamba ngaze ngayofika Emsinga le emanxiweni okhokho EMpompolwane, ngisezinhlelweni zokufika naseMachijane kulonyaka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: