Gininda,
Ngwadi,
S’danane esidina uMajola ngokugijima !
Longer version:
Dlaba,
Shukulas’, Shezi,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!
Thulani Mnomiya, kaZungeza, kaSibongo, kaNdluzele.
Ake silungise lapha! OMnomiya yize behlobene noShezi kodwa abathakazelani ngokufanayo noShezi. Lento ifana nokuthi umfowethu owakithi, kodwa mina angisiyena umfowethu, naye akamina. OMnomiya, ikakhulukazi laba baseNkandla noma abasuka eNkandla, oGininda, Mehl’ayizitha, Ngwadi, Dinane ngokudina abasekhakonina kwaMajola, Jolikazi. Laba abakhe koMzimkhulu namaphethelo bona bathakazelana bafake uMandlana noMthobela. Ngingeqinise ngokuthakazelana kwalaba baseMzimkhulu ngoba abazali bami bakhe Obuka besuka eNkandla. Idida izizukulwane lento ka “cut and paste” engacutshungangwa. Ifenyisa lenkundla engicabanga ukuthi ibalulekile. Sicela niyilungise lento niqagule umthombo okutholakele kuwo le information.
Siyabonga Mnomiya
Gininda Ngwadi Mnomiya siyabonga ngenkulumo yakho mina ekhaya kuse Nkandla sisuka phansi eDlabe la engazalelwa khona manje sakhuphukela eMashushu ngaphansi kweNkosi yasemaChubeni….
Thina siyinzalo kaMoya-Moya noGatiGati kaMatshana….
Sibongiseni Wiseman Mnomiya
Ngiyathokoza kakhulu Gininda, kunjalo impela sihlobene kakhulu nabakwaShezi kepha ke izithakazelo zethu azifani ncamu. Ezithakazelweni zakwaMnomiya thina sibiza uMnomiya, uGininda, Mehlazitha, nina bakaSembathamkhonto onjengobhedu.
Mina ke ngingumzukulu kaMuntongathandwa, ozalwa nguMuthi yena ezalwa nguMhlazane. UMhlazane ke kuthiwa nguye owafike wakha eMsinga Emachijane, wazala izinsizwa ke zabaningi zasabalala, kulezo zinsizwa zakhe kubalwa uMuthi kanye noMsuthu.
Thina ngokwakha sisOlundi eMahlabathini, okhokho bethu babesuka eMsinga kwaMajozi, Emachijane isgodi kanti baqale bathi ukugoba amadlangala eMpompolwane khona Emsinga kanduba beye Ondini. Sengiye ngahamba ngaze ngayofika Emsinga le emanxiweni okhokho EMpompolwane, ngisezinhlelweni zokufika naseMachijane kulonyaka.
Lihle Shezi
Mnomiya, sibonge ngokukheza udungunyane… Benginesifiso sokuthola okuphelele ngesizwe sakwa Mnomiya, yebo singama Chube nje ngathi kwaShezi, kodwa sinemilibe yaso, okuyiyo engavezwa hlobo ezincwadini zomlando. Ungangithintanga kuwhatsapp 0714614547.
Sibonge wena wasoFeni