Izithakazelo zakwa Ngidi Clan Names

Izithakazelo zakwaNgidi:

Hlomuka,
Bophela,Busane
Fuyane, Mazinga,
Mlalazi kaNoxhaka,
Laka lathengwa ngembuzi,
Imbuzi kwakungeyempongo,
Wena bhaka laseMakhasi,
Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,
Wena nkomo zehla ngelengiso estikini,
Wen’okandunu mabukwa yombili abasezitheni nabasekhaya,
Dlokwe lendlovu,
Jiji Mankononkono,
Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,
Mnguni!


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel