Izithakazelo Zakwa Nkwanyana

Zikode!

donda

makhanda!

myekwa bethathwa

makhanda kanqayi

mthayi kansele

menzankosi

wena owakha ongiyane besilo

nceku enhle!

nceku yesilo umpande

gabadela!

owagabadela izingwe zongoye

madela mhlambi yezinkomo zabanumzane endle.

mbeng’ osinda ‘bosi,

mbeng’ owawela ongoye

wena wo-suthu lwasenhla

mqabula nkungu kwanodwengu kwavel’ ilanga

langa elaphuma ongoye

mangwe amahle

mlwandle!

zingwe eziphuza kwesijulile isiziba

ngokukholwa wulwandle,

mathula kuhletshwa!

bathi ngundlebe kazizwa

kanti uthule ngabomu

zetshisa umbiko kazulu

odumise okwezulu lihlomile

ngomlomo ka zulu ongathethi manga

sobahle

soshibe ka dangazela

nzim’ elimnyama

wena kab’thikazi

wena kathubelez’ inyang’ isemafini

wena kanodel’ imiyalo

buhle busezindiyeni zamehlo

Nkwanyana!