Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa Ximba

Thina singabakwa Ximba, 
Mlaba, 
Mabhoyi, 
Nodlela, 
Mbewumbili abanye bamhlophe abanye babomvana, 
nina enacaba isicaba ngokucazelana,
Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama,
Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa,
Njono wena wase Mdlangweni.
Luvuno wena owavuna abaliwayo!