Izithakazelo zakwaMngadi  💛💛💛

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni! 🙌

Abanye bazazi kanje:

Ngema,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji, Vezi
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!
Madlokovu
Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile!
Igcwele izingwenya nezingonyama,
Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni! 🙌
Izithakazelo zakwaMngoma
Izithakazelo zakwaMngoma

Izithakazelo zakwaMngoma Ceng'elihle elintamonde, Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala ngepensela, Bozini, Khongisa, Dodoza, Makhiwane, Khala Read more

Memela Izithakazelo
Memela Izithakazelo

Izithakazelo zakwaMemela Gambu, Msuthu, Memela, Ngwekazi, Dumabezwe, Ntethe, Kumayakayaka; Sidwab' esimantwenguntwengu ngokudliwa yinundu. Bhele likaMdingi Read more