clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwaMnomiya

Izithakazelo zakwaMnomiya

Dlaba,
Shukulas’, Shezi,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!

Previous

Izithakazelo zakwaMnqayi

Next

Izithakazelo zakwaMnguni

1 Comment

  1. Thulani Mnomiya (kaZungeza, kaSibongo kaNdluzele)

    Namanje ngisaphika! Ngiyavuma ukuthi oShezi noMnomiya bahlobene kakhulu kodwa asithakazelani ngokufana. OMnomiya oGininda, Mehl’ayizitha , Ngwadi, Dinane ngokudina abasekhakonyoko etc. Lokhu ngingakucacisa kanje: umfowethu owakithi kodwa mina angiyena umfowethu, naye akamina. Akusiyo inhlamba ukusithakazela ngoShezi, kodwa ukuphaphalaza-nje okubangwa ukungazi(ignorance). Buzani abakwaMnomiya uma nifuna lenkundla yethembeke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: