UNtini wase Zimbabwe owahamba noMzililazi kaMashobana igama lakhe kwakunguMdonko Ntini, ezalwa noStanka Ntini, babezalwa nguSihwanda Ntini nomama wakoMaphosa. UMdonko wazala namakhosikazi amathathu
Ngingaletha okuningi meningangivumela ukwenza lokho, ngiyabonga..
Umlando woNtini base Zimbabwe
In 1600s there was Ntini who gave birth to a number of males named Lungwase, Mafu, Mphethela, Simula, Mshukiweskhumba they are all under DNA of the man Ntini. Without trace of their martenals I continued the search. There’s a link with Ndlovus.
UMshuki (died 1721) wazala ikhehla elazala uSihwanda, it was a huge family from a polygamous family. Lelikhehla 1719 to 18122 (Ntini) they joined Mzilikazi’s march with his boys (that time, they were in their 20s) that’s Sihwanda and Dema, this man named Ntini died on their way to the North, the location is Petersburg (Bulungwane/Polokwane area) his grave is there since1822.
Sihwanda and Dema continued fatherless now with Mzilikazi’s march until Matopo where Mzilikazi built his kraal.
1721 with a bit of background till 1822 has been covered
Info by Msizi and Mshukiweskhumba
Ntini and Gumbi clans: their relation & history.
Siyabingelela Ntini, Gumbi, Somkhanda,lungwase, khaphela,Jele
Naku okuncane engikuohethe nginethemba kuzosiza ukuthi sizazi ukuthi singobani nemvelaphi yethu
Umlando nozalo lwakwaGumbi noNtini luhlobene kakhulu ngoba luyisizwe esisodwa. Labo abazibiza ngala mabizo baphuma ojalweni lwamakhosi esizwe sakwaJele (esidabuka emlandweni wamaMbo/Ndwandwe).
Imvelaphi Nobuhlobo Phakathi kukaGumbi noNtini
Ngokomlando oqinisekisiwe:
• Abantu bakwaGumbi nabakwaNtini badabuka kunkosi uZwangendaba noSomkhanda ababengaphansi kwesizwe sakwaJele.
• Ngesikhathi sezimpi zikaShaka noZwide (Impi yaseMhlathuze noGqokli), abakwaJele babalekela kwelamaSwazi bezama ukuzivikela.
• Kusukela lapho, kube khona ukushintsha kokuzibiza lapho ingxenye ethile yathatha isibongo esisha esithi Gumbi, kanti igama elithi Ntini liyisithakazelo esikhulu sabo, siphinde sibe igama lenkosi eyandulela abanye.
Uhlu Lwezalo Nomugqa Wamakhosi (Family Tree)
Ukulandelana kwamakhosi kwakhiwa kanjena kusukela emikhonweni yakudala:
• uKhulamini / Nkabaluthuli (Jele) – Umkhulu wokuqala omkhulu.
• uDlomo (Jele) – Owaqubuka kuKhulamini.
• uNonyanda (Jele) – Owalandela.
• uZiguda (Jele) – Owaqhuba ubuKhosi.
• uZwangendaba noSomkhanda (Gumbi) – Lapha kulapho kuphuka khona igama elithi Gumbi (uSomkhanda waba inkosana yaseKhohlo).
• uNtini (Gumbi) – Inkosana kaSomkhanda.
• uNkomazana (Gumbi) – Inkosana kaNtini.
• uNomagonondo / uMagondo kaNtini – Ubambe isihlalo emva kokukhothama kukaNkomazana, ebambele umntwana uSivumo owayesemncane.
• uSivumo (Gumbi) – Owakhula wase evusa umuzi waseMvokweni.
• uMyekeni Matthew (Gumbi) – Inkosana elandele.
• uMbhekiseni Zeblon (Gumbi) – Inkosi ebusayo kwaGumbi.
Izithakazelo ZakwaGumbi / Ntini
Laba bantu babongwa noma bakhulekelwa ngalezi zithakazelo ezilandelayo ezikhombisa amaqhawe abo:
Skhende, Jele, Ntini, Ngubo yengwe!
Somkhanda, wena owakhanda amadoda!
Wena kaMathumb’ ayiphanyeke! Ntongande, Mdakane, Mehl’enkomo, Nozingelayo, Ndandali!
Wena kaNgoni, Mlotshwa!
Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi!
🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel
Sbonge ngokusichazela
Lami ngingomunye wakoNtini ngifisa ukwazi okunengi ngemvelaphi yakotini
UNtini wase Zimbabwe owahamba noMzililazi kaMashobana igama lakhe kwakunguMdonko Ntini, ezalwa noStanka Ntini, babezalwa nguSihwanda Ntini nomama wakoMaphosa. UMdonko wazala namakhosikazi amathathu
Ngingaletha okuningi meningangivumela ukwenza lokho, ngiyabonga
Siyabingelela Ntini, Gumbi, Somkhanda,lungwase, khaphela,Jele
Naku okuncane engikuohethe nginethemba kuzosiza ukuthi sizazi ukuthi singobani nemvelaphi yethu🙏🏿
Umlando nozalo lwakwaGumbi noNtini luhlobene kakhulu ngoba luyisizwe esisodwa. Labo abazibiza ngala mabizo baphuma ojalweni lwamakhosi esizwe sakwaJele (esidabuka emlandweni wamaMbo/Ndwandwe).
Imvelaphi Nobuhlobo Phakathi kukaGumbi noNtini
Ngokomlando oqinisekisiwe:
• Abantu bakwaGumbi nabakwaNtini badabuka kunkosi uZwangendaba noSomkhanda ababengaphansi kwesizwe sakwaJele.
• Ngesikhathi sezimpi zikaShaka noZwide (Impi yaseMhlathuze noGqokli), abakwaJele babalekela kwelamaSwazi bezama ukuzivikela.
• Kusukela lapho, kube khona ukushintsha kokuzibiza lapho ingxenye ethile yathatha isibongo esisha esithi Gumbi, kanti igama elithi Ntini liyisithakazelo esikhulu sabo, siphinde sibe igama lenkosi eyandulela abanye.
Uhlu Lwezalo Nomugqa Wamakhosi (Family Tree)
Ukulandelana kwamakhosi kwakhiwa kanjena kusukela emikhonweni yakudala:
• uKhulamini / Nkabaluthuli (Jele) – Umkhulu wokuqala omkhulu.
• uDlomo (Jele) – Owaqubuka kuKhulamini.
• uNonyanda (Jele) – Owalandela.
• uZiguda (Jele) – Owaqhuba ubuKhosi.
• uZwangendaba noSomkhanda (Gumbi) – Lapha kulapho kuphuka khona igama elithi Gumbi (uSomkhanda waba inkosana yaseKhohlo).
• uNtini (Gumbi) – Inkosana kaSomkhanda.
• uNkomazana (Gumbi) – Inkosana kaNtini.
• uNomagonondo / uMagondo kaNtini – Ubambe isihlalo emva kokukhothama kukaNkomazana, ebambele umntwana uSivumo owayesemncane.
• uSivumo (Gumbi) – Owakhula wase evusa umuzi waseMvokweni.
• uMyekeni Matthew (Gumbi) – Inkosana elandele.
• uMbhekiseni Zeblon (Gumbi) – Inkosi ebusayo kwaGumbi.
Izithakazelo ZakwaGumbi / Ntini
Laba bantu babongwa noma bakhulekelwa ngalezi zithakazelo ezilandelayo ezikhombisa amaqhawe abo:
Skhende, Jele, Ntini, Ngubo yengwe!
Somkhanda, wena owakhanda amadoda!
Wena kaMathumb’ ayiphanyeke! Ntongande, Mdakane, Mehl’enkomo, Nozingelayo, Ndandali!
Wena kaNgoni, Mlotshwa!
Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi!
Umlandp waka ntini