Izithakazelo zakwa Khambule Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Khambule

  • Mzilankatha,
  • Inkatha kayingen’endlini,
  • Yangena kubola izinkaba zabantwana,
  • Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
  • Ezamadojeyana zilal’amankengana,
  • Mlotshwa,
  • Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
  • Mpangazitha, Magasolo,
  • Nina basebuhlen’obungangcakazi,
  • Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
  • Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
  • Nina bakaDambuza Mthabathe,
  • Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
  • Kwakhuz’abantu benifihla,
  • Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
  • Msuthu,
  • Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
  • Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
  • Nina baseSilutshana,
  • Nin’enakhelana noMbunda,
  • Nina bakaMaweni,
  • Nzimande,
  • Mncaphayi,Shezi,
  • Malangatsha!
More about Khambule

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

2 thoughts on “Izithakazelo zakwa Khambule Clan Names Umlando”

  1. Yimi ke lowo mamzilankatha ,umalandel'ilanga, umpangazitha,umlotshwa

    Reply

Leave a Comment