Izithakazelo zakwaKhumalo:
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’ eseNgome,
Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba,
Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw’ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo
Unknown
Thank u for izithakazelo zasekhaya. I did not know all of them but ke ngijabule kakhulu ukuthi ngizithole lana thank you so much…….KHUMALO MNTUNGWA MBULAZI…….
loyal Ruth
ngabe lokhu kusho uku sihlobene no Gasa, Mkhatshwa ,Zikode?
Zinhle MaKhumalo...
Ngizwa kuvuka usinga. Ngiyaziqhenya ngokuba yiNtungwa elihle. Siyabonga Mageba…uyancomeka umsebenzi wakho.
Unknown
nami zingishaya ngaphakathi dankie bakwethu… i'm also a khumalo wow.
Unknown
Thank you for this. I am a Khumalo and izithakazelo zam' zingishaya ngaphakathi!