Makhoba Clan Names & History

Izithakazelo zakwa-Makhoba:

Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

More about Makhoba

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

36 thoughts on “Makhoba Clan Names & History”

  1. Bafwethu singaphikisana kushone ilanga inqiniso lingatholakala ngokuba kuvakashelwe amakhosi akwaMakhoba nokwaZungu asadl’anhlavana okunye ngeke sikunqiniseke, kodwa okumele sikwazi uMakhoba noZungu izingane zomuntu oyedwa ezazalwa zingamawele omdala uMakhoba umnewabo uZungu.

    Reply
    • Nami ngazi kanjalo Joko. Ngiwu Zungu. Kwakumele sibe abakwa Makhoba u Zungu angabikhona kodwa u Makhoba wavuma ukuthi u Ncwane mekhomba u Zungu njengenkosi ezolandela u Makhoba wavuma ngoba ewuthanda umndeni wakhe zadaleka kanjaloke izibongo ezimbili zomuntu oyedwa

      Reply
      • Injalo nje mfowethu.asimele kubiza indlu encane, uMakhoba noma wavuma uZungu aphathe kodwa uMakhoba yindlu enkulu.

      • Vele phela niphuma ngamanoni emgodini that why nibakhulu

    • Nam ngazi kanjalo Sbusiso but engfisa ukukukhumbula ukuth babezalwa ubani bona. Pls contact me on my personal no. 071 077 4455 thank you.

      Reply
  2. UTHAMI MAKHOBA USHAYILE IMPELA UMGEBISA.. THINA SINGO MAKHOBA , OJOKO KAMADANA KANGUYANA. SINGABE WABA ELIMNYAMA LASEMDLADLENI , ABALISHAYA NGEMIZACA YEPHUKA , ABASEZITHENI NABASEKHAYA. OQHOLO LAZITHA. THINA SINGABESIHLAHLA ESI JAME KWENA AMAZOLO , AMAMBATHA ESABA UKUSEHLELA. THINA SINGOMTHABELA KAGODLOZA UMAGWAZEGUQILE NJENGETHOLE.

    Reply
    • injalo bafowethu mina ngivuma no sbu asinyekeni ukuphikisana sibandawonye

      Reply
  3. Ngiyabingelela ngicela ukubuza lapha kuzithakazelo zakwa Makhoba Uma zithi Wena owaphuma ngenoni emgodini kwakwenzenjani

    Reply

Leave a Comment