Mbokazi, Meaning, Origin & History

Izithakazelo zakwa-Mbokazi

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

More about Mbokazi

Educational videos


🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel

10 thoughts on “Mbokazi, Meaning, Origin & History”

  1. Ngiyanizwa nithi azefani izithakazela zoMbokazi bakwaZulu. Lalelani ke, kubi kakhulu uma usuziqhathanisa nezomuzi wakwaBhaca. Mina ngingowaseMzimkulu emaBhaceni. Izithakazelo zakithi zihamba kanje: Mbokazi, Jali, Ncamane, Masina, Ngejane, MlamlaNkunzi ngabe uziyekile zabulalana, Ngcwecwe, Masiphula… lunqamuka lapho ulwazi lwami.

    Reply

Leave a Comment