Memela Izithakazelo // Clan // Umlando

Izithakazelo zakwaMemela:

Gambu,
Msuthu,
Memela,
Ngwekazi,
Dumabezwe,
Ntethe,
Kumayakayaka;
Sidwab’ esimantwenguntwengu ngokudliwa yinundu.
Bhele likaMdingi –
Yen’ ongakhokhobi njengoMacingwana, yen’ okhokhobel’ engonyameni.
Sidwaba sokudabuka;
Msuthu ka Langa.
Makoti owadla igqila ethi udla inyama.
Nina abehla ngesiLulu, naningazele usizi nanizele ukubusa.
Mbhaba owakhahlela kuqala eminye ingakokhahleli!

Kant’amaGambu ngabombizane, babiz’umuntu edlula ngendlela bathi akaze azosika wath’esefikile badlanaye kanti baz’omnikez’inkom’eGambu.
Mshukangubo,
Ngwekazi kaLanga,
Nombele,
Math’ amahle,
Zinyawo zenkosi.
UThabethe nguMthwa oluthuli; baze bathi nguNontuli ozitha zasal’edengwane ngob’ uMemela esethukuthele.
Uzalo kaMdingi; umshisi wezikhotha eshisela ababemshisela naye.
Bathi ngu Hlawula, ngob’ ethi “hlawul’ ukudla kwami, njandini!”

AbakwaMemela, ngabantwana bomthwakazi. Ngabathwa abaluthuli abathwal’isiba lomkholwane, lona lingathwalwa ngabafokazana, lithwalwa ngamakhosi.

Ngu Thokozani Lesedi Memela


🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel

34 thoughts on “Memela Izithakazelo // Clan // Umlando”

  1. Izithakazelo zakwa gumbi zithini no mlando wakhona uthini

    Reply
    • Ngicela isithakazelo sakwa ngwekazi

      Reply
  2. siyabonga ukusifundisa ngendabuko yethu, plz ngipheni takitsi kashongwe bomabhengeta angiyati nemlandvo wakhona plz plz , my e-mail cvthulane@gmail.com

    Reply
    • Hy ngicela usizo ngezithakazelo zakwa Ngwekazi nomlando wakhona

      Reply

Leave a Comment