clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Memela

Izithakazelo zakwa-Memela

Gambu,
Msuthu,
Ntethe,
Mathamahle,
Sikhakha simantwenguntwengu ngokudliwa yinundu,
Ngwekazi kaLanga,
Nontuli!

Previous

Mdlalose

Next

Mhlongo

2 Comments

  1. Anonymous

    Mnumzane. Kunale nkondlo engangiyenza ngisafunda, nje, ngiyibhobhodleyana. Angazi ukuthi ubani umlobi wayo kepha isihloko kanye nemigqa embalwa ngisayikhumbula. Sengathungatha imitapo yolwazi eminingi kodwa lutho ukuzithela phezu kwayo. Ngicela ungisize, Bab' Zulu ngiyithungathe kanye nawe. Isihloko sayo sithi, "Qaphela Mntanami." Lapha ngezansi imigqa embalwa engisayikhumbula – ayilandelani.

    Kuyashisa kushwez' ishisandlu
    Lish' amash' amahubo lishona
    Eliwash' evus' usinga kontanga yenu
    Qaphela mntanami…

    Kuyatenga kuwutatalambu kuyintambo…
    Bagwedla ngezikhwepha bangaphenduki…

    Yileyo kuphela imigqa ebuya emqondweni. Kwazise-ke phela angiyibambanga nangesikhathi besifundisa futhi sekwaphela neminyaka eyishumi nanye ngagcina ukuyifanisa. Yayinomyalezo omkhulu le nkondlo futhi inhliziyo yami yayivutha ngenkathi ngiyifunda. Kepha-ke ngenxa yobungane azange ngikugqize qakala ukujula ngayo nokuyigcina emabhukwini ami. Ngalokho nginokuzisola okukhulu, ikakhulukazi, nje, manje umuntu engasekho eduze nabantu abamkhuthazayo olimini lwebele.

    Ngiyacela usize mina neningi elifana name, ungibhekise le nkondlo.

    Ngiyabonga

  2. Bhele likaMdingi
    Ihawu phezu kwehawu…………….

    Kwathi cosololo…kimina

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: