Izithakazelo zakwa-Mkhize
Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel’ etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
Nina bengwaz’ emabhudle,
Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin’ enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!
Unknown
Yebo, baningi nakubo oNgunezi abebengayazi le.
Ngike ngakhuza undodana ethi "angazike uma lamasi esekhanya nasebusweni" Ayikho leyo.
Kulinganiswa ngenkomo ukuthi noma ngabe ibisisiwe, eyakwa Mkhize iyazibonakalela.
Kodwake nalecontext ekhuluma ngomntwana singathi:
Njengezinkomo zakwaMkhize ezikhanya ngisho emasisweni, nabantwana bakhona awubafuniseli.
Nina baseMbo, ningangixwayi ngenxa yespelling.
Izifika namthwalo ezabhala kanje epasini lika babomkhulu, akusalungiseki.
Unknown
Sho
Unknown
Siyabonga ukuthi usilungiselele…siyithokozela into oyenzile
Unknown
Yes sakhanya emasisweni
Unknown
I carry this surname with pride