clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Mncube

Izithakazelo zakwa-Mncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

Β 

Previous

Mkhwanazi

Next

Mngadi

14 Comments

  1. Molweni ngithanda ukwazi ubudlelwano phakathi kukaMncube no Shezi

  2. Mazilankatha amahle any one ongathanda sazane zingane zakwethu my whatsaap number is 0768975908.

  3. Ngicela noma ubani wakwaNcube eNquthu noma eMahlabathini angi email ku [email protected] noma watsap on 0794117665.

  4. kwakutheni thina aboMncube babelekelu Shaka ?

    • XOLANI

      iNkosi uShaka iyona eyaqala ukubulala ilunga lomndeni ngenxa yesihlalo sobukhosi ngesimo sokuthi yene wayesekhulile (wayeseshawa isikhathi )

  5. Mncube Mzilankatha Mzilikazi kaMashobana. Khomazana yilandel'ekwandeni kwa sencubeni amahlokohloko abacabuzi bokhozi amangayi Nzimo ntshongolo

  6. Ngicela ukwazi ukuty yini ndaba izithakazelo zaNcube noMncube zifane

  7. Ngicela ukwazi ukuty yini ndaba izithakazelo zaNcube noMncube zifane

  8. Mna ndicelukwazi ingaba siyabafaka na ongelengele, hlubi, nonkosi masizibonga bakwa khambule

  9. abakwa-Mncube banesiphiwo sokuhlaziya kodwa umgondo wabo awugijimi.abakwa-Ncube umqondo wabo uyagijima futhi bathanda ukuzimela empilweni

  10. Same thing

  11. AmaZilankatha amahle, omalandelilanga, bona abangadli umbilini we'nkomo…

  12. sho mfowethu ngicela ungichazele umahluko phakathi kwesithakazelo sakwa Mncube nesakwa Ncube

  13. sho mfowethu ngicela ungichazele umahluko phakathi kwesithakazelo sakwaMncube nesakwa Ncube

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: