clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Mngoma Clan Praises

Izithakazelo zakwa-Mngoma

Ceng’elihle elintamonde,
Mabhala obhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Bozini,
Khongisa,
Dodoza,
Makhiwane,
Khala lembube elikhany’entabeni zokhahlamba,
Ntamonde ingaba mfisha yeza nonina,
Ukholokholo isibongo esingabongwa ngabaLandakazane,
Amalala alala nomunwe emuva avuke ancinde akhomb’izulu kwafiphal’ilanga,
Babuz’abakhunkuli bathi ubhula ngani abanye bebhula ngamathambo!

Abanye bathi:

Mngoma

Cenge lihle elintamonde

Ingaba mfushane yeza nonina

Wena kaCenge odlela emcengezini

Makhiwane

Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela

Khongisa

Dodoza

Madlela kaBozini

Mashiya amahle angathi azoshumayela kungeyena uNgcobo

Khala lembube elikhanyis’ ezintabeni zoKhahlamba

Mageba- Zitha

Wena wakwaZithimbili wakwa Maqoqo

AMalala alala nomunwe emuva avuke ancinde akhombe izulu kufiphal’ ilanga

Babuz’abakhunkululi bathi ubhula ngani abanye babhula ngamathambo

UKholokholo isibongo esingabongwa abalandakazana

 


More information is available on our YouTube channel


Previous

Mngadi

Next

Mnqayi

3 Comments

  1. Ngifisa kwazi ngalezi thakazelo ukuphi okwaqanjwa ngendaba yesenzosimbe okanye kwazalana bani nobani kwaphuma uMngoma ngoba kuningi engakwazi kanti ngingowakwaMngoma nami

  2. Mabhala ngozipho imina lowo mngoma o bhodoza

  3. omacina
    ndlebe mbili

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: